MHLELI: Izinyembezi emehlweni ami zehliswa wumcabango wokuthi kanti ngempela sasizabalazela ini uma kuzofika abafana baseNdiya bazosikhethela ongqongqoshe ezweni lethu sibe thina sasivotele amaqabane ukuthi asebenzele umphakathi ontulayo. Inhlangano yethu uKhongolose yaphenduka yaba silwane sini ngesikhathi sikaJacob Zuma? Amaqabane asala enkundleni ayefela ukuthi sibe yinhlekisa ezweni nasemhlabeni wonkana na.
Eqinisweni sonke sasimkhonzile uMsholozi ngoba sithi ungumuntu olwaziyo usizi lomuntu omnyama okuyothi uma esengumengameli azi okuyikonakona okufanele akwenze. Sidangele kakhulu futhi sididekile ngomonakalo ikakhulu esizweni esinsundu esidonsa kanzima wububha.
Imibhikisho eminingi enodlame ezindaweni ezehlukene ezweni iwumphumela wokweba imali kahulumeni okumele isize bona kanye ababhikishi. Okunaloko sidlala amaNdiya asebaleke nezigigidi zemali yabantu. Umnotho untenga nje konke kumba eqolo ngenxa yamaqola aqola abantu bakubo abahluphekayo nababulawa wububha.
Kanti ngempela senzeni isizwe esimnyama ngoba phela sasithi ngo-1994 saphuma eGibhithe lengcindezelo yamaBhunu?
Umakadebona
EMGUNGUNDLOVU