MHLELI: Ngicela ukudlulisa isicelo sami kubaphathi bamatekisi asuka eMpangeni aya eGoli. Muva nje, ngifike erenki abantu beme ngezinyawo ngajoyina ulayini, kubhaliswa njengenjwayelo.
Obekuhlukile ububhalisa ebese ulinda eside isikhathi, itekisi ingekho. Ngokwami bengihlele ukufika eGoli engakashayi u-8 ebusuku ukuze ngithole izimoto eziyongibeka endlini.
Ngebhadi-ke ngihlale eside isikhathi okuthe ngabo-1 emini ngagibela etekisini nayo okuthiwa ayihambeli kulo mzila waseGoli. Ngicabanga ukuthi sase sicelelwe ngenxa yesikhathi eside silindile.
Okwasixaka ukuthi sesiseMevamhlophe, kulo mgwaqo oya eNtambanana, sabona ngomshayeli esejikisa imoto - sabuzana sodwa ukuthi ukhohlwe yini ngoba nemali simbonile eyifaka ephaketheni? Wajika nathi wasibuyisela erenki, safika safakwa kwenye imoto.
Okungixakile kubaphathi, kungani bengakhiphanga imoto ifike isithathe, siqhubeke nohambo, kunokubuyela erenki sisayovinjwa amabhasi, amatekisi namarobhothi. Ukube bebekhiphe itekisi, kwakungaba ngcono kakhulu kunokujika.
Siyacela kubaphathi bamatekisi, basicabangele singabagibeli ngoba asihlali edolobheni sonke, sisuke sisazogibela eGoli. Ngagcina sengiqasha i-Uber, yayongibeka endlini ngemali elinganayo nalena engisuke ngayo eMpangeni.
Ngiyacela baphathi bamatekisi, nisicabangele singabagibeli.
Okhathazekile
EGOLI