MHLELI: Ngibhala le ncwadi ngisuswa udaba oluke lwaba sematheni olwakhulunywa uMnuz Julius Malema. Impela bonke laba bantu abamkhuzayo kuyacaca ukuthi abakaze basebenze nabomdabu baseNdiya noma babasebenzele.
Mina ngisebenzela owomdabu waseNdiya. Ayikho inhlobo yosizi engingaluthwele. Uyangithuka zonke izinsuku zikaThixo aze angibeke isandla ngezinye izinsuku. Ungihlukumeza sengathi angiyena umuntu ophilayo onemizwa nenhliziyo.
Yingakho ngimangala nje uma kunabantu abalwa nenkulumo kaMalema kuthiwa ubhedile, abanye baze bathi kumele axolise ebe ekhuluma iqiniso lodwa futhi uqinisile uma ethi lo mkhuba udlange kakhulu le eThekwini.
Kungakhulunywa nje ngeminyaka eminingi sathola inkululeko, mina nje ngingomunye wabangayazi inkululeko ngenxa yomqashi wami. Ngiyacela futhi uma kukhona ongangichushisa angisize ngale nkinga engibhekene nayo angithinte noma engabe abaKhomishini yamaLungelo aBantu.
Jabu Nxumalo
ENanda