NGOLWESINE olwedlule iNingizimu Afrika ibigubha usuku lwamalungelo abantu. Kodwa abahlala emahostela, abadayisi basemgwaqweni nabahlali basemijondolo eThekwini bakhethe ukungalugubhi bethi awabo amalungelo ayanyathelwa.
Bebemelwe yizinhlangano, Ubunye bamaHostela, Market Users Committee naBahali baseMjondolo kubhikishwa.
Bakhale ngokuthi uMasipala weTheku wenza izethembiso ongazigcini.
Phakathi kwezinto abakhala ngazo wukungalungiswa kwamapayipi amanzi emahostela kanjalo nezindlu ezalimala kunezikhukhula ngo-2017, abadayisi abaphucwa izimpahla, ukulinda isikhathi eside uma befake izicelo zamatafula okudayisa, wukungabi nogesi namanzi.
Abasemahostela bathe abakwazi nokufaka izicelo zezindlu zomxhaso ngoba emagameni abo kubhalwe ukuthi banezindlu ekubeni benemibhede kuphela emahostela.
Lezi zinhlangano zimele abampofu eNingizimu Afrika futhi abaningi babo bayingxenye yabafudukele emadolobheni befuna amatoho ukuze baxoshe ikati eziko.
Ngabantu abapatanisayo ngandlela thize ukuze baphile futhi benze izinto ngendlela esemthethweni. Bayadinga ukwesekwa uhulumeni ukuze bezoqhubeka baziphilise njengoba kubona kukhona nabazisebenzayo ngoba imisebenzi ayikho.
Siyakuqonda ukuthi uhulumeni kufanele aqikelele ukuthi umthetho uyalandelwa futhi uyahlonishwa okuyingakho ngesinye isikhathi kuyaye kubonakale amaphoyisa kaMasipala weTheku eshaqa izimpahla zabadayisayo uma bengenazo izimvume zokuba namatafula.
Ngeke futhi sithi uMasipala awungasiqinisi isandla uma kuphulwa umthetho kodwa siyazinxusa izikhulu zawo ukuthi zizinuke amakhwapha.
Azibheke izikhalo njengokuthi kuthatha isikhathi eside ukuthola impendulo uma ufake isicelo setafula.
Uhulumeni kumele unakekele izakhamuzi ngendlela efanayo. Bonke osomabhizinisi badinga ukuxhaswa kungakhathaleki ukuthi bancane kangakanani.