MHLELI: Kwelingashayi eceleni ake ngiphawule ngemikhuba eyenziwa abantu abaya ezinkonzweni zemingcwabo. Uma kuqala kungena inkonzo yomngcwabo kuyaye kube nomphathi wohlelo oqala ngokuzethula asho ukuthi ungubani wakwabani.
Uma esezethulile ungena ohlelweni. Baye benze izinto ezingefani-ke ngoba omunye ubiza lonke uhlu lwezikhulumi nezihloko ezizokhuluma ngaphansi kwazo, omunye avele aqale uhlelo. Kunento engiphatha kabi eyenziwa abasuke besenkonzweni. Bahlala kungaphumi noyedwa uma kusaqhubeka uhlelo zize ziphele izikhulumi, kuthi uma ophethe uhlelo eselubuyisela kobaba abazosikhonza ngeZwi leNkosi ubone sebephuma abantu.
Uma ubafica phandle ubathola sebezixoxela abanye sebebhema. Kwabangwani neZwi leNkosi ngoba lingukuphila? Enkonzweni ngaphakathi kusala omama abaningi nedlanzana labesilisa. Uma ubheka emnyango ubona kumiwe sekuyizixongololo, ungaphika ukuthi kusemngcwabeni ungathi kusephathini. Uma kunethaveni eduze abanye bazithengela utshwala baphuze. Ishumayela inceku yeNkosi ize ijuluke ishumayeza izihlalo zasehholo. Ubani kanti osuke eshunyayezwa phakathi kosedlulile emhlabeni nathi esiphilayo?
Abantu okumele bezwe iZwi yithina esisaphila hhayi ongasekho ngoba yena usewuqedile owakhe umsebenzi, indaba isisele nathi.
Imisiko yasemishadweni isigqokwa emingcwabeni, angazi noma kwenziwa wukuthi imishado inqabile yini. Ukudla baze baphinde amapuleti sengathi umuntu usedlela ukulala.