MHLELI: Ngiyafisa ukwazi ukuthi kungani uMvikeli woMphakathi u-Advocate Busisiwe Mkhwebane “ephucwa amandla” okwenza umsebenzi wakhe.
Uma ungumuntu olandelayo izindaba zamazwe nezenzeka eNingizimu Afrika, uzoqonda ukuthi sekukaningana uMvikeli woMphakathi ethola “izibhakela” ezivela kuMengameli Cyril Ramaphosa ebambisene noMnuz Pravin Gordhan. Ngabe uRamaphosa noGordhan bafihlani lena engaka, le ebenza baze bamusongele ngezinkantolo?
Ngiyafisa umphakathi waseNingizimu Afrika weseke uMvikeli woMphakathi njengoba bewenza ku-Advocate Thuli Madonsela. Sebezama ukumnyakazisa ngezinkantolo ngoba befuna abe nyamanyambana kithi njengomphakathi. U-Adv Mkhwebane ngaphambi kokuba adedele ulabhabha kuGordhan noRamaphosa wayetuswa imisebenzi yakhe, gwiqiqi useyiqaqa ngoba eshaya ikhanda emadodeni “athembekile”, amadoda “angenankohlakalo”. Ngiyasithanda nesibindi somvikeli wethu sokungabi yilulwane, esabe uma ethuswa zikhova.
Mina nje ngisabona ebambe ngakho umvikeli wethu. Ngithi nje yibambe kanjalo.
Sibahle Omnyama Ngobese
ENquthu