MHLELI: Ifike yedlula iVodacom Durban July (VDJ). Kuhle ukubona isizwe esimnyama sizicika ngezibiliboco, utshwala obuphambili, umculo, ukugembula nengqephu.
Okubuhlungu kakhulu ngukuthi okuyibona bantu abenze imali ngale VDJ ozindlebezikhanya ilanga.
Kanjani na? Yibo abanamahhashi abegadulisana laphaya. Bazihlomulele ngezigidi. Thina ndlu emnyama sisele nezikweletu nje kuphela. Siyaphi na kwiVDJ uma singenandaba namahhashi? Yingoba sifuna ukubukwa ukuze abantu bacabange ukuthi sinemali.
Ukube iVDJ iwumqondo wabantu abamnyama ngabe akugcwali kanje. Buza noma ngubani usomabhizinisi onemali ukuthi kunzima kangani ukuthenga ihhashi lomjaho.
Ngaphandle kokubiza ngendlela exakile yimakethe okusazoba neminyaka eminingi iphethwe abebala elimhlophe. Ikhona nengcosana yabomdabu baseNdiya. Thina bantu siyathanda ukuzihlanganisa nezinto esifuna ukuthi zisiveze njengabantu abanemali ikakhulu uma kunomlungu phakathi.
Ngibashayela ihlombe abantu abasuke beye kwiVDJ beyokwenza imali. OMax Mqadi weMax’s Lifestyle noMjay Zama waseYadini badinga ukushayelwa ihlombe ngokukwazi ukwenza imali ngale mpelasonto ehlomulisa abelungu ngemali yabantu abamnyama.
Notha kaGadlakwabo Phungula
EMNINI