MHLELI: Ngidumele ngezinkampani zikahulumeni. Ubani owake wacabanga ukuthi iSABC iyoke idonse kanzima ize ihlulwe wukukhokha izikweleti, okwenza inqatshelwe “yimbangi” yayo iSuperSport ukuba basebenzisane ngoba iSABC ihlulwa ukukhokha imali elinganiselwa kuR280million?
Akufanele iSABC ibakhothe ubhozo abakwaSuperSport kodwa kuyenzeka ngoba abaphathi bakhona bazixebulela umkhoma.
Angingabazi ukuthi kuyophela izinyanga ezimbili sesiyitakulile iSABC kwaSuperSport njengezakhamuzi bese sibona imidlalo yePSL.
Sesithemba uNgqongqoshe wezokuXhumana nobuChwepheshe, uNkk Stella Ndabeni-Abrahams noNgqongqoshe weZemidlalo, ubuCiko namaSiko uMnuz Nathi Mthethwa ukuthi bazokwazi ukwenza izivumelwano ezizoletha injabulo kubathandi bebhola.
Sibahle Ngobese
ENquthu, KwaNgedla