MHLELI: Ngokwejwayelekile ukuqala konyaka omusha kuletha ithemba ebantwini abehlukene kodwa akunjalo ezinganeni eziphothule iziqu zobuthishela emanyuvesi. Ezinye zalezi zingane sezineminyaka emithathu zaphothula imfundo ephakeme kodwa lutho ukuthola umsebenzi. Okubuhlungu kakhulu wukuthi bafunde kanzima abazali beboleka imali ngethemba lokuthi uma sebephothulile kuyoba lula ukuyibuyisela kulabo abatshelekisayo.
Kunoxhaso okuthiwa yiFunza Lushaka. Abantwana bathi iyisiqalekiso impilweni yalabo abafunde kanzima abazali beqhwanda ukuze baphumelele. Ngesikhathi besafunda bathi bazifaka izicelo kulo Funza kodwa zangaphumelela. Uma sebezizamele baphumelela batshelwa ukuthi kuzobhekwa kuqala abafunde ngalo Fundza Lushaka. Ngabe bukhona ubuntu uma ziphathwa kanje izingane zethu ezifunde kanzima zingaxhaswe muntu?
Kumele ngabe kuqalwa ngazo uma kuvuleka amathuba ngoba abazali bazo bayagula ngenxa yezikweletu abangene bacwila kuzo ngesikhathi abakaFundza bebhukuda emafutheni. Alikho iqiniso emhlabeni.
Uthini uNgqongqoshe woMnyango nalabo abaphathiswe uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uma kubandlululwa izingane zabantu ezihluphekile?
Kusobala lezi zingane azisoze zaqashwa ngoba idimoni eliwuFundza Lushaka liyaqhubeka nokuxhasa abafundi abasha. Lokho kusho ukuthi abahleli emakhaya bayohlala kuze kuphele lo Fundza oyisiqalekiso kubona ngaphambi kokuba babhekelelwe nabo. Ngicela uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Mthandeni Dlungwane aphumele obala asitshele izwe ukuthi kulungile yini lokhu okwenzekayo.
Mbhishobhi Themba Chonco
EMtubatuba