Izindaba

[IMIBONO] Iyichilo nje ekamama ofuna isithembu

Mpha Omnyama Shabalala|Published

MHLELI: Angazi noma lo mama wakwaShembe obekubhalwe ngaye ephepheni langoLwesihlanu mhla ka-24 ku-Agasti kwiSolezwe othi nabo kwakumele bathathe isithembu, uSabatha khona ngempela yini. Kuyichilo ukuthi kungakhona umuntu wesifazane othi ufuna amadoda amane, ingane akukhathalekile ukuthi kuzoba ngekabani.

Cha, yebo iNingizimu Afrika inamalungelo futhi umuntu akumelanga simehlulele, kepha lokhu khona kuyichilo bantu besimame. Lo sisi usehlisile isthunzi somama bamaNazaretha.

FUNDA:  Bafuna esabo isithembu abesimame kwaShembe

Yingani ungavele uye emgwaqweni njengabanye osisi lapho uzokhululeka khona ngamadoda owadingayo. Ubani ozolobola sisi?

Nilibulalelani izwe? Hhawu cha, ufunda uze ufe emhlabeni. Niphika namadoda. Ungumama onjani ofisa ukushintsha amadoda? Ngabe kuvelaphi lokho? NeBhayibheli angilazi kepha angikaze ngizwe kuthiwa owesifazane ube nesithembu. Yichilo ntombazane, angikwahluleli kepha ulahlekile, nalawo madoda ngiyowabona ukuthi awasile emakhanda. Mina ngeke-nje, khohlwa.

Mpha Omnyama Shabalala

eMnambithi