MHLELI: Ngiyabingelela, ake ngidlulise nakhu ukuhlukumezeka ezweni kanti kwakhala nyonini kwaD eMlaza safa abafana abangamazimuzimu uqobo lwawo.
Basingenela ezindlini, bavimba izingane zesikole emgwaqweni. Kazi ubani owathi bona bangothixo basemhlabeni.
Kuthiwa kunekhansela kodwa angikaze ngilifanise. Ukuba likhona ngabe asihambi emigwaqweni nasemihubheni emnyama bhuqe.
Imizi efuye amasela abamba izingane zethu kuleya ndawo, akwenziwa lutho. Wake wabonaphi endaweni uma kushaywe isela kodwa kuboshwe abawashayayo bayobhadla ejele?
Okunginyanyisa tu akukho okwenziwayo kanti ubaba uBheki Cele usukumela abanjani?
Safa amasela angabe adla emgqonyeni yakubo, esibamba inkunzi emini kabha, ahuqa iwunga. Kunomuzi abamba abantu inkuzi ayothukusa khona, ethala izidakamizwa.
Ungena nje ngomgwaqo okuthiwa iKwelishisayo, uze kongenhla umgwaqo uma uzodlula kwaMaphikelela Store, Ziyawa Store ngezanzi ngakoMathetha kuyafana. Safa izinswelaboya. Sekwanele!
Siyaphela asisizwa ngalutho. Bese nithi asiyovota, sivotele i# Thuma Mina ukuba ngibulawe. Safa saphela.
Umhlali