MHLELI: Ngibhala ukuzwakalisa ukudideka kwami ngokuthi izikhulu zethu nabanye abasophondweni badidwa yini ngesinqumo soMvikeli woMphakathi odabeni lukaMnuz Pravin Gordhan?
Kunegama lesiNgisi elisebenza kakhulu lika-“remedial action”, elisho ukuthatha isinyathelo sokulungisa. Sengathi abaningi balihumusha sengathi uMvikeli woMphakathi ukhuluma
nge-“punitive action”, okusho isinyathelo sokujezisa.
Kuze kukhulunywe nangokuba uMengameli axoshe ungqongqoshe.
Mina ngicabanga ukuthi uMvikeli woMphakathi ukhuluma ngokuba uMengameli enze ungqongqoshe aphalazise uMnuz Pillay imali axhawulwa ngayo “kungafanele”.
UMhlehlebuli uMfo kaMaSwid’abhaliwe
eSayidi