MHLELI: Ngisuswa inkinga noma isimo i-ANC ezithola ikuso, okulahlekelwa amavoti. Ngiyaqonda ukuthi i-ANC esifundazweni ikhathazekile ngokwehlelwa ukwesekwa.
Empeleni eminyakeni eyedlule ubunesiqiniseko ukuthi ukhetho lukazwelonke bazozidlela amahlanga. Kodwa kubukeka sebengenwa uvalo entanyeni manje ngenxa yesimo abangasazi ukuthi sivelaphi noma ingasigwema kanjani.
Angisiye umhlaziyi wezepolitiki futhi angifisi ukuba wuye ngoba ngihlaziya ngicheme nenhlangano yami. Umphako engingawunika abaholi be-ANC abakhungathekile ngokulahlekelwa ukwethenjwa, okokuqala kumele i-ANC ishaye isiswebhu emakhanseleni angamavila, iwathembise ukuwakhomba indlela, okwesibili, kumele iye emphakathini iyoxolisa ngokuwafunza amakhansela angasebenzanga ngesigaba sawo sokuqala, okokugcina iqiniseke ukuthi izimfuno zabantu ziyafezeka. Ngezimfuno ngisho izinto ezashiwo umphakathi ukuba wenzelwe zona.
I-ANC ayiyeke ukufunza abantu into abangayifunanga ngoba ifuna ukuthola intshontsho. Okunye, inhlangano i-ANC isahlalelwe omkhulu umsebenzi wokubuyisa ukwethenjwa umphakathi waseKZN.
Empeleni abantu bayawuthanda umbutho i-ANC kepha badinwa yilezi zithunywa ezihuqa ubuthongo zingasebenzi nhlobo bese zilindela ivoti ngokhetho.
Ngiyafisa i-ANC ize endaweni engikuyo eZwelibomvu izobona umhlola wekhansela esafunzwa lona umama Zandile Gumede, elingenzi lutho.
Sengisola neProvincial Executive Committee ne National Executive Committee ukuthi bazishaya indiva ikhalo zethu.
Uma becanga ukuthi konke kuzobalula ngale kokulungisa abakhohlwe olohulumeni basekhaya bese bekhohlwe umkhandlu weTheku ukuthi bayowuqhoqhobala. Ayifunde ukulalela abantu i-ANC ukuze ithole ukwesekwa.
Khabzela Mzimela
EZWELIBOMVU