MHLELI: Kwelakho elingashayi eceleni ngithi ake ngiphawule ngodaba lwabantu besilisa ezindlini zokukhonzela.
Uma ungena esontweni ufica abesifazane begcwele kodwa uthole amadoda emahlanu kuphela.
Kufanele izinceku zilusukumele lolu daba ngoba ivangeli liyashunyayelwa yonke indawo nasemisakazweni kodwa obaba kunzima ukuya emasontweni.
Abanye bathi uma kukhonza umama kulungile uzomela naye. Ngolwazi lwami akuhambi kanjalo umuntu kumele azikhonzele.
Izulu akulona elomama bodwa. Uma ubaba esedlulile emhlabeni uyadingeka umfundisi ukuthi azophatha inkonzo yomngcwabo.
Bobaba nezinsizwa asiyikhonzeni iNkosi sisenethuba ngoba buyeza ubusuku la kungesebenze muntu khona.
Obaba ubathola begcwele ezindaweni zokucima ukoma bathi uma usonta noma ukholwa ulandela abafazi uyigwala.
Uma bethuke bangena enkonzweni yokuphelezela osuke edlulile emhlabeni bayahlala uma kusaqhubeka uhlelo lwezikhulumi. Uma sekunikezwa abefundisi ithuba lokuvula iZwi ubona ngamunye ephuma nomunye alandele.
Uma ubafica emnyango bayazixoxela. Uma kukhona ithaveni eduze sebeyaziphuzela abanye.
Nathi bobaba asingeneni ezindlini zokukhonzela siyodumisa iNkosi eyasifelayo.
Edmund Ngcobo