UKUFUNDA esikoleni kuhle futhi akunankinga kodwa uma sesifundile sathwala amajazi ngabe asenza sibe ngobani kithina, emndenini, emphakathini nasemhlabeni? Funda-ke ugogode kokunye ungagogodi, umbuzo osalayo uthi uyaqhubeka yini ufunde okungale kokufunda. Angiphinde khona uzozwa ukuthi ngiqondephi: Uyaqhubeka yini nokufunda okungale kokufunda?
Umuntu omnyama ngenkathi edidiswa kokwakhe, kakadeni wayephuma empilweni yokungabhaliwe phansi kodwa kokukhulunywayo. Yingakho thina base-Afrika abamnyama okuningi sakubhalelwa ngabamhlophe ngoba sebexoxelwa yithina, phela eyethu inkambiso nenkuliso ingukungabhali. Konke kwakudluliswa ngomlomo hhayi ngokubhala phansi. Ukusebenzisile-ke lokhu omhlophe ngoba uthathe imfundo yethu wayibolisa ngokwakhe ukuze kuthi noma sicabanga sicabange ngokubhaliwe sikwenze kube ngokuphelele.
Kungakho-ke namhlanje silapha sikhona. Siyakhohlisana singaqondi izinto eziningi. Noma uyisifundiswa kusafanele kube ngomhlophe ohlahla indlela yokuthi wena yiba nguSolwazi kumbe nikezwa iziqu zobudokotela ngoba kwaneliseke yena ngalokhu akufunde wakuqonda, kuthi uma engakuqondanga akuthathe njengezibi zasezaleni.
Namhlanje sixabanisa izinto eziningi okungafanele ngabe ziyaxabana. Sikwazi ukwahlulela umuntu ngalokhu asuke ekushilo bese sizitshela ukuthi ngoba ukhulume lokhu wena ongakuzwa kahle kusho ukuthi akushoyo akukho. Kulula ukuthi umuntu ahlulele omunye athi usibanibani akahlale kulokhu akwaziyo angayikhulumi into angayazi ekugcineni kuthiwe siyamcelela sengathi angakhanyiseleka ngezinsuku zakhe zokugcina. Inkulumo edabukisayo lena ngoba yinkulumo okufanele ishiwo wumuntu osewake wawelela ngapheshya kwengcwaba kodwa ngale mfihlakalo yabamhlophe yemfundo abasikhohlisa ngayo, besifica siguqe ngawo womabili emsamo, nawo esesideke kakhulu ngawo, sigcine sizitshela kuthi siyazi.
Imbangela yalokhu wukuthi sithi noma sifundile bese singafundi ngale kokufunda, sithi noma singafundile kangako kodwa singazikhuthazi ukweqela ngale kokufunda. Khumbula ukuthi siphuma kuleliya siko lokwethu lapho ukufunda kwakungekhona okokubhala phansi kodwa kungokokuxoxa. Kuthe ngo- 1994 sesithole inkululeko, izibalo zakhomba ukuthi kithina ndlu emnyama izinga labangayifundile imfundo yaseNtshonalanga, engingathi wukuya esikoleni, liku-84%. Lesi sibalo kuyazanywa ukuthi sehliswe kodwa njengamanje sihleli ku-77%. Umuntu omnyama njalo lowo. Kuthe noma sekufika umthethosisekelo wathatha sengathi konke okushoyo akuzange kwaba khona e-Afrika. Uzwa ngamalungelo kuze kuthiwe nabantu besifazane abanikezwe amalungelo abo sengathi obabamkhulu babeyizilima ezigxaza amathe abazange babahloniphe onina nezalukazi zabo abababelwe zona ngoyisemkhulu. Kufikile lokho, linjani izwe namhlanje? Aliyona inhlekisa?
Basibambe lapho sibancane khona abamhlophe ngakho konke. Ngokuphucwa umhlaba babazi ukuthi bagogodile. Noma sesikhala sifuna ukubuyiselwa umhlaba, okwahamba nawo akusoze kwabuya. Sikhala ngomhlaba, siyakubala yini okwahamba nawo, ingcebo yolwazi lwengqondo yabangasekho abafihlwa bathunwa kuwona lowo mhlaba, imfihlakalo yengcebo yempande nemvelaphi yabo, amanxiwa nemfihlakalo yawo. Namhlanje ukubuyiselwa umhlaba sikubeka osebeni lomfula wezomnotho kodwa asikhulumi ngezimfihlakalo zesibaya nemigelezo yakhona.
Ngokulahlekelwa yimfihlakalo yokuhlonipha owakwenu onebala elimnyama, ngokulahlekelwa ukufuna nokulangazelela ukufunda kabanzi ngaphandle kwasesikoleni, ukuncishwa ukufunda esikoleni, uncishwe ukufunda ngesibaya nangezinkomo zakini, ngabe konke lokho akwenzi kube lula ukubuka umfowenu njengesitha? Yilokhu okwenza inkulumo nenkulumo eshiwo wumfowenu omnyama ungayizwa kahle kodwa ucaphune lokho owakhunyiswa kona ngomhlophe. Inkinga enkulu isekugxishweni ukuthi izigqila zengqondo nomphefumulo kufanele zakheke kanjani ukuze zigcine zigqilazana zodwa. Yithina labo, sibamnyama ngenkolo nangemfundo.
Ukuhlaziya nokuhlambuluka omhlophe afike wasiphuca kona, wafana nomfana entabeni welusile ofike athi yeka izinkomo zakini weluse ezakubo, yilona khambi okumele silisebenzise namuhla. Yile ngono nenkaba esilahlekele njengoba siyinhlekisa yakuthangi, yayizolo nanamhlanje. Gigitheka mfowethu omhlophe uwuthathile umsamo wakithi sekungowakho.
NANSI INDABA
“Ungabosiphendula isiwula mntanami uyobe uyazehlisa”
Bhedlindaba.
033-569 1317/010 007 5295/031 003 2953.