UMFUNDISI Paseka Mboro Motsoeneng ngeledlule ovakashele ibandla likaMfundisi Alph Lukau eyobhekana ngokukhohlisa ibandla lakhe ethi uvuse umuntu ekufeni. Isithombe: Itumeleng English/African News Agency(ANA) UMFUNDISI Paseka Mboro Motsoeneng ngeledlule ovakashele ibandla likaMfundisi Alph Lukau eyobhekana ngokukhohlisa ibandla lakhe ethi uvuse umuntu ekufeni. Isithombe: Itumeleng English/African News Agency(ANA)
MHLELI: Ngiyafisa ukudlulisa amazwi okuzwelana nabantu bakithi eNingizimu Afrika asebephenduke izinto zokudlala izigebengu ezizibiza ngabaphrofethi.
Angicacise ukuthi indaba yabaphrofethi bamanga ayiqali manje kodwa yinto endala. Angicacise futhi ukuthi njengoba kukhona abaphrofethi bamanga bakhona futhi abaphrofethi bakaNkulunkulu abakhuluma iqiniso.
Uma ufunda uJeremiya 28:15,16 uzobona ukuthi uMphrofethi uJeremiya owayethunywe uNkulunkulu wayesebenza kanzima ngenxa yomphrofethi wamanga obizwa ngoHananiya owayephrofetha izinto ezizonika abantu ithemba elingekho.
Ake ngiphendule umbuzo obuzwa ngabantu ukuthi kungani umuntu onengqondo ephilayo akhohliseke impela abanjwe yilaba baphrofethi bamanga. Kuningi okunomthelela kodwa okuhamba phambili yindlala nezifo ezihlasele ezweni. Abantu abaningi baphila ngezibonelelo zikahulumeni.
Uma kuqhamuka umuntu obathembisa ukuguquka kwempilo yabo bagxuma bahlale kwazise bayazithanda izinto eziza kalula.Izifo zibhilitile, abantu bayagula abanye bayagulelwa. Sinjalo nje siyakusaba nokufa. Lezi zigebengu ziqale zenza ucwaningo zabona ukuthi uma zingalutha abantu ngokubathembisa izixazululo ezinkingeni zabo, bazogcwala ngobuningi bezofuna izimangaliso ezithenjiswayo.
UJesu ukhulume kakhulu ngabaphrofethi bamanga kuMathewu 24:24. Akusibo abasuka ngaphandle kwezwe lakithi kuphela, nalapha ngaphakathi bakhona. Okwenza benganakeki wukuthi abakaqambi amakhulu kakhulu njengalawa esiwabonile indoda iphuma ebhokisini lomngcwabo isivule umlomo wayinkebenkebe. Ngiyabaxwayisa abantu bakithi babhekisise amabandla angoqhibukhowe.Ibandla eliqhakambisa umholi ngaphezu kukaNkulunkulu liyingozi, baleka ngazo zombili.
Okunye ngala mabandla wukuthi ngaso sonke isikhathi izintshumayelo zawo azigxili ekulungiseni isimilo somuntu kodwa kugcizelelwa izinto eziphathekayo ezizotholwa ngabantu.
Bishop Themba M Chonco
EMtubatuba