Ngithe ngiseholidini emasontweni amabili edlule ngafunda ingosi kaMaGumede onguzakwethu esiloba naye lapha kwiSolezwe. Kuleyo ngosi uMaGumede wabe ebuza ukuthi asashonakuphi amadoda ayenamandla ekamelweni, umuntu wesifazane ayengambheki avele amsonge ambhangqe neHeadboard akhale kuze kuvuke omakhelwane.
Ngathi uma ngiqeda ukufunda le ngosi kaMaGumede ngazibuza ukuthi uMaQwabe uyibuzelani ibhasi ibhaliwe ngoba sonke siyabona ukuthi asafa wonke amadoda ayizishoshovu zocansi. Uma kungathiwa kuyalinganiswa kungafana nokuthi umlandeli webhola ubuza ukuthi bashonaphi abadlali abafana noJomo Sono noTeenage Dladla. Impendulo ingathi abadlali bebhola sinabo kodwa abasoze bafika ezingeni loMgabadeli noSono ngokutapeyita ibhola.
Ngalesi sethulo okaVolos ufisa ukucacisela uMaQwabe ukuthi wonke amadoda ayafisa ukuba yizibabuli zenkonzo yasekamelweni kodwa akwenzeki ngenxa yamathizethize amaningi. Uma kungabuzwa noma iyiphi indoda ingalikhuluma iqiniso lokuthi umoya usuke uvuma ukuya ocansini kodwa kube yinyama ebuthakathaka engavumi. Bonke abantu besifazane kufanele baliqonde iqiniso lokuthi ayikho neyodwa indoda engavele igodle ucansi ingalwenzi ube umzimba wayo uvuma. Isikhathi esiningi indoda iqubisa ingayiqali inkonzo yasekamelweni ngoba isuke ibona ukuthi izothi iyabotopotoza kuvele kushayeke udaka.
Kuyisifiso sami ukuthi abantu besifazane bayiqonde inkinga ebhekene namadoda ngoba nawo awazenzi kodwa azithola esesimeni sokuba yizahluleki. Kuzo zonke izinto ezibuhlungu ezingehlela indoda ayikho ebuhlungu njengokuthi izame ukupilinga ithi ibhangqa umuntu wesifazane neHeadboard kodwa yehluleke ize igwaze umcamelo ngentshebe. Kuyiqiniso okufanele livunywe ukuthi amadoda anamuhla awasenamandla, uma ethi azama ukuya ocansini avele asantuze into engayi ndawo aphethe ngokucasha ngobuthongo. Inkinga yokungaboni ngaso linye phakathi kwamadoda nabesifazane isukela ekutheni abesifazane badinga ukuya ocansini kodwa amadoda azithole esesimweni sokungakwazi ukulwenza.
Abantu abakholwayo bazomfakazela uVolos uma ethi ucansi lufana nomoya ongabonakali kodwa ozwakala ngokuvunguza ukuthi usukhona. Lokhu kuchaza ukuthi ucansi lufika njengesithunywa somuntu okhulekayo. Umuntu onesithunywa akanawo amandla okubiza isithunywa sakhe athi asifike manje ngoba usefuna ukukhuluma ngezilimi. Nasenkonzweni yasekamelweni kuyisimo esifanayo sokuthi indoda ayikwazi futhi ayinawo amandla okuzakhela umuzwa wokwenza ucansi. Uma indoda ingafikelwa wumuzwa wocansi nayo isuke ididekile ingazi ukuthi izothathani iyihlanganise nani ukuze kuvuke umdlandla wokuya ocansini.
MaGumede, okaVolos akasho ukuthi amadoda awanayo inkinga yokwehlelwa yifomu yenkonzo yasekamelweni kodwa uthi kunganjani kusungulwe izinkambu lapho amadoda ezohlala khona angahlanganiswa nabantu besifazane.
Le nkinga yokuboza kwamadoda emakamelweni kungenzeka ukuthi idalwa wukuthi aphelelwe wukuhashuka ngenxa yokuthi ahlezi ebuka imizimba yabesifazane zonke izinsuku. Ngokomthetho kufanele ngabe indoda iyethuka uma kwenzekile kwavela ithanga lomuntu wesifazane kodwa amadoda anamuhla awasethuswa wukuvela kwethanga ngisho lingabalihle kanjani. Kungenxa yalesi sizathu ngiphakamisa ukuthi amadoda awayovalelwa ezinkanjini ukuze aphume khona esefana namabhubesi alanjisiwe amnqaka esesemoyeni umuntu wesifazane, kuthi kuyofikwa nje ekamelweni umuntu wesifazane usemathambo’mhlophe.
- Ngeso likaVolovolo