MHLELI: Kwelakho elingakhethi iphela emasini, ake ngithembe ukuthi uzolishicilela lolu daba lwami. Benginemali ebengiyonga kwa-Old Mutual, okuthe uma sengibona ukuthi itoho lizophela noma inini nganquma ukubazisa kwa-Old Mutual.
Nangempela bangikhokhelile imali ekade ngiyilondolozile. Inkinga yami isekutheni ngoJuni 26 baphinde bayibamba imali noma sengibazisile ukuthi ngeke ngisakwazi ukukhokha ngoba itoho selizophela.
Sengigqigqe kaningi emahhovisi asePinetown bathi angilinde izinsuku eziyisishiyagalolunye. Kuze kube manje imali yami abayibuyisile yize babethe izozibuyela yona. Uma ngibashoyela izingcingo zabo zikhala kathathu zivaleke.
Seyiningi kakhulu imali yami edliwe u-Old Mutual ngenxa yamaphutha enziwa abasebenzi bakhona. Ngonyaka odlule bangqwambise uR23 000 ngenxa yephutha lomsebenzi wabo.
Ngiyafisa ukwazi ukuthi imali yami engaka yaphelelaphi njengoba sebephinda bentshontsha nalena nje?Angisophinde ngizihlanganise ne-Old Mutual ngoba kusobala ukuthi abaqeqeshekile abasebenzi bakhona kepha into abayaziyo ukungcofa amaselula abo, ekugcineni bakutshele ukuthi akungeneki kwi-internet yabo (offline)
Thamsanqa Mbongwa
eLuganda