UMHOLI we-IFP iNkosi Mangosuthu Buthelezi. Isithombe esigciniwe: Motshwari Mofokeng African News Agency (ANA) UMHOLI we-IFP iNkosi Mangosuthu Buthelezi. Isithombe esigciniwe: Motshwari Mofokeng African News Agency (ANA)
MHLELI: Ngizwakalisa umuzwa wami ngengqungquthela ye-IFP KZN ebisoLundi ngempelasonto mhla ka-29 Juni. Ngiyilungu le-IFP ebeliyingxenye yengqungquthela futhi ebelinelungelo lokuvota.
Ngizwakalisa ukukhathazeka ngenkulumo kaMnuz Xolani Dube ongumhlaziyi wezepolitiki, ayisho ohlelweni lwezindaba kuKhozi FM ngoJulayi 1. UDube uthe uMnuz AT Ntuli ukhonjiwe nekomiti akhethwe nalo. Lapho umhlaziyi ubekhomba ngenjumbane umholi wethu, uMntwana waKwaPhindangene ukuthi ukhombe uNtuli ukuthi abe ngusihlalo waseKZN.
UNtuli uphakanyiswe amaziko ukuba angenele ukhetho. UMntwana uyilungu le-IFP elivela ezikweni, kuyilungelo lakhe ukuba nombono njengoba nomthethosisekelo weqembu lethu usho njalo. Ngiyazi uDube akawazi umthethosisekelo wethu. Kuyakhathaza okwenziwa uDube ukuthi njalo bahlasela uMntwana ngokuthi akahambisani nentando yeningi. UDube uze wabala nabaholi abaningi athi sebahamba eNkatheni ngenxa kaShenge. Ihlaya nje ubala ubaba uJiyane. UJiyane wazesulela eqenjini, izwe liyakwazi lokho.
Usho kanjani ukuthi umuntu ukhonjiwe esikhundleni kodwa ewine ngamavoti? UNtuli uwine ngamavoti ehlula akababa uYengwa. Asicacise nokuthi zonke izikhundla, kukhethwe ngenqubo yentando yeningi, kwaba khona abaphakanyiswayo kepha bazihoxela bona, okuyilungelo labo nalokho. Uma uMntwana ephawula ukuthi njengelungu le-IFP uyakweseka ukuphakanyiswa kweMeya yaseNkandla, yikuphi la umthethosisekelo ungamvumeli ukuba abeke umbono wakhe? Uma lokho kusho ukukhomba ngentshebe, cha ukuhlaziya kukaDube kunomkhuhlane. Abahlaziyi abayeke ukulokhu behlasela uShenge, kade zingenzeki izingqungquthela begxeka uShenge, inkinga isemazikweni abengakulungele. Asikwamukele ukuthi bekuyingqungquthela yokukhetha le, vele imibono ibihlukene kodwa asingahlaseli umholi ngamampunge ngoba bekuvotwa ngohlelo lwevoti eliyimfihlo, kwabalwa zavuna uMphemba izibalo. Kubalulekile ukuthi sikucacise lokhu ngoba kuzosiza obengekho emhlanganweni alazi iqiniso. Siyazi abanye kuselukhuni ukwamukela imiphumela, bese bebeka izaba ngokuthi umholi wathi weseka uNtuli, baze bathi akulula ukumphonsela inselelo. Uma kungelula ukuphonsela umbono womholi inselelo pho bamphakamisa kanjani? Bakwazi kanjani ukucula izingoma ezeseka uYengwa emhlanganweni umholi aye kuwo baze bangunga izimonto ahamba ngazo?
Ngifisa abahlaziyi banike iNkatha isikhathi sayo sokwenza izinto zayo, bese behlaziya ngeqiniso, bangachemi nabantu abangafuni ukwamukela imiphumela. Siyabonga kubaba uYengwa nekomiti lonke eliphumile kulokho abasenzele khona. Asinike uMphemba nekomiti elisha ithuba lokuyisa iNkatha phambili sibeseke egameni leqembu.
Ngiyathokoza mhleli, ukungivumela ngisebenzise ilungelo njengomfundi waleli phephandaba lansuku zonke.
Thokozani Ntombela
ENKANDLA