Izindaba

[IMIBINO] Angikhumbuli kubikwa imithelela emibi ngensangu

Zamani Khumbuza|Published

UKUGUNYAZWA komthetho wokubhenywa kwensangu eNingizimu Afrika, kuqubule imibono ehlukene UKUGUNYAZWA komthetho wokubhenywa kwensangu eNingizimu Afrika, kuqubule imibono ehlukene

MHLELI: Lidinga ukushayelwa ihlombe iJaji uRaymond Zondo ngesinqumo sokuvumela ukubhenywa kwensangu.

Zimbalwa nje izinto abantu abasuke bazizibe uma kukhulunywa ngensangu. Okokuqala wukuthi awukaze uzwe kuthiwa kuliwe kwagwazwana lapho kubhenyelwa khona insangu.

Okwesibili angikaze ngizwe ukuthi kukhona umuntu ofile ebulawa ukuthi ubheme weqisa ensangwini.

Okwesithathu angikaze futhi ngizwe ukuthi kukhona umuntu oseyiswe esikhungweni sokusiza imilutha yezidakamizwa ngoba ehluleka ukuyeka insangu.

Okwesine angikaze ngizwe ukuthi kukhona abantu asebehluleka ukuba amadoda emizi ngoba nakhu begxile ensangwini.

Izinto engizibale ngenhla ziyabalwa otshwaleni, oselokhu kwathi nhlo busemthethweni.

Baningi kakhulu abantu asebebulawe yizifo ezidalwa wukudla izinto ezinoshukela kepha ushukela usemthethweni.

Kuqale kulo nyaka ukuthi imikhiqizo enoshukela ibanjelwe intela ethe xaxa kuneminye imikhiqizo.

Kubalulekile ukuthi ngalesi sinqumo singabi ngabantu abangothathekile abazokwenza sengathi sekuzobhema wonke umuntu manje.

Akunakwe lokhu okulandelayo:

* Akushiwongo ukuthi ukudayisa insangu sekusemthethweni. Izotholakalaphi pho?

* Akushiwongo ukuthi izingane ezincane nazo sezingayibhema insangu. Abantu bakuthathaphi ukuthi kuzophazamiseka izingane esikoleni?

* Akushiwongo ukuthi ayibhenywe ezikoleni. Bangenaphi pho abafundi ekubhenyweni kwensangu?

* Akushiwongo ukuthi isingabhenywa esidlangaleni. Bakhathazwa yini abantu uma ngibhema kwami?

Kungaba yinto enhle ukuthi abantu bazihlele kahle izinto abafuna ukuzisho uma befuna ukuphikisa lesi sinqumo. Umuntu obevele ebhema insangu uzoqhubeka nokuyibhema.

Angiboni ukuthi yini engadala ukuthi umuntu obengabhemi aqale manje ukubhema, ngoba nakhu isisemthethweni, ngoba kwasekuqaleni ngesikhathi ingekho emthethweni, yini ngempela ebimbambe ukuthi abheme?

Asithathe lesi sinqumo sisifundisise bese thina ndlu emnyama sibheka ukuthi yimaphi amathuba omsebenzi esingaqhamuka nawo.

Ngicela ukucacisa ukuthi angihambisani nokuxhashazwa kwezidakamizwa ngoba zonke zithuntubeza ingqondo.

Zamani Khumbuza

EMGUNGUNDLOVU