Izindaba

Imibandela eqinile komasipala kukhishwa eyenhlekelele

Mhlengi Shangase|Published

UNgqongqoshe wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke, uMnuz Velenkosini Hlabisa

Image: Department of Cooperative Governance and Traditional Affairs / Facebook

BAHLINZEKWE ngoR1.2 billion omasipala bakuleli ukuze babhekane nezinhlekelele ezisanda kuhlasela ezingxenyeni ezehlukene zezwe, ezidale umonakalo kwingqalasizinda kwaphinde kwashona nabantu.

Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke, uMnuz Velenkosini Hlabisa esithangamini nabezindaba.

UHlabisa uthe izifundazwe ezikhahlanyezwe yimvula ngasekuqaleni konyaka yizona ezizohlomula kakhulu.

Lezi zifundazwe yiKwaZulu-Natal, Free State ne-Eastern Cape eshayeke kakhulu muva nje. 

"I-EC yisona sifundazwe esithole ingxenye enkulu yemali. Izoqale ithole uR50 million, bese ithola uR504 million ngo-Agasti."

UHlabisa unxuse ukuthi imali ekhishiwe isetshenziswe ngendlela efanele.

Udalule nokuthi izogodlwa imali komasipala abahluleka wukuyisebenzisa ngendlela efanele.

Le mali izolungisa ingqalasizinda eyakhahlamezeka ngenxa yenhlekelele.

 "Ngaphambi kokuba sifake enye ingxenye yemali, sizofuna umbiko ogcwele ngokuthi imali isebenze kanjani. Sifuna imali yenze umsebenzi ofanele." 

Uthe bazoqala ngokukhipha uR151 million kule nyanga bese bededela enye engu-R708 million ngenyanga ezayo, baphinde bafake nenye.

UMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, esitatimendeni uthe uyawamukela uR139 million wemali yenhlekelele enikwe omasipala.

Lo mnyango uthe le mali izolungisa umonakalo odalwe yizinhlekelele wathi uzoyiqapha ngelokhozi ukuthi omasipala bayisebenzisela izinhlelo ezifanele.

Umasipala waseZululand ubonge uR13 million, owuthole kuHlabisa.

Lo mkhandlu uthe le mali izosiza ekulungiseni ingqalasizinda yamanzi eyacekeleka phansi ngenxa yemvula enamandla.