IMEYA kaMasipala waseMtubatuba, uMnuz Velangenkosi Gumede, idonse ngendlebe abantu baseMfekayi, yathi kumele basebenzise ibhuloho ukuwela umfula iNyalazi. Isho kanje ngemuva kokuminza kwabantu ababili.
UGumede uthe yize kunebhuloho kodwa abantu basaqhubeka nokuhlamba uma bewela yize sekunezigameko eziyisishiyagalombili zokuminza kwabantu.
“Isigameko sokuminza kwabantu ababili, ngesesishiyagalombili esenzeke eNyalazi. Sinxusa abantu ukuthi basebenzise ibhuloho uma bewela ngoba lakhelwa ukuthi baphephe,” kusho uGumede.
Uthe abaminze esigamekweni sangoMeyi babeyokha uju lwezinyosi, ngesikhathi benquma ukungahambi ebhulohweni kodwa bahlambe ukuze bawele.
Isolezwe labika ngodaba lwabathathu abanquma ukuwela umfula ngoba bethi bayanqamulela, ngenkathi sebebuya kade beyokha uju lwezinyosi. Ngebhadi ababili baminza, izidumbu zabo zatakulwa ngoMeyi 20, oyedwa wasinda.
“Kusiphatha kabi ukuminza kwabantu libe likhona ibhuloho. Siyabanxusa noma bekwazi ukuhlamba kodwa basebenzise ibhuloho ukuwela. Uyakwazi ukufinyelela ebhulohweni uma uhamba ngoN2 noma uhamba ngakujantshi wesitimela,” kusho uGumede.
Uthe bazoba nomkhankaso wokuxwayisa ngobungozi bokuwela iNyalazi, ozoqhutshwa nangamakhansela uma enemihlangano noma ehambele umphakathi.
“Abantu sizobaxwayisa ngobungozi bokuwela emfuleni futhi sizocela namakhansela ukuthi abaqwashise ngobungozi bokuwela umfula uma enemihlangano,” kusho uGumede.