KUNGAKAPHELI inyanga iphumile esitokisini imeya yaseNewcastle, ebiboshiwe ngenxa yizinsolo zokubulala umholi we-ANCYL, isisabise ngokuphendula amatafula kwabanukwa ngenkohlakalo yokuzixebulela amathenda kamasipala futhi kuvalwe nezinkampani zabo, ukuze zingaphinde zithole umsebenzi.
Lokhu kuvele ngoLwesihlanu ngesikhathi uDkt Ntuthuko Mahlaba ethula isabelomali sikamasipala awuholayo waseNewcastle, esifinyelela kuR2 billion.
“Njengobuholi bomkhandlu sizimisele ukulwa nenkohlakalo ukuze sikwazi ukubuyisa imali elahleke ngenxa yokukhwabanisa nobunye ubugebengu. Asizukugcina nje ngalokho kodwa sifuna labo abathintekayo enkohlakalweni yamathenda kulo masipala sibavulele amacala.
Sizovala nezinkampani zabo ukuba zingaphinde ziwuthole umsebenzi,” kusho uMahlaba.
Ukusho lokhu nje kulo mkhandlu isimo sike sashubela imeya esiphumile, u-Advocate Makhosini Nkosi nayo okuthiwa ifike ngomdlandla wokulwa nenkohlakalo yamathenda, okuthiwa ibidla lubi kumasipala.
UNkosi ugcine esethola izinsongo zokubulawa okuholele ekutheni kwengezwe ezokuphepha kuye.
Kuthiwa ubesezishintsha kabili izimoto endleleni ukuze angabonakali kalula uma kungenzeka kube khona abamlandelayo.
Ezinye izinsolo zenkohlakalo okugcine ngokuthi kujutshwe uphenyo kubalwa eyokwakhiwa kwe-swimming pool elokishini eMadadeni, ebize uR9 million, sekuphele iminyaka iqalwa
phansi.
IMeya uMahlaba ibuyele emsebenzini ngemuva kwesikhathi eside isekubhaceni, okugcine ngokuthi iboshwe ngezinsolo zokubulala uMnuz Wandile Ngubeni, owayehola i-ANCYL esifundeni saseNewcastle iMalahleni.
Abanye abaholi be-ANC basole itulo ngokuboshwa kwakhe, ugcine ededelwe ngebheyili kaR20 000.
“Sizimisele ukuba iNewcastle ibe yi-metropolitan ngo-2035 ngenxa yokuba idolobha elibalwa namanye ayizizinda zomnotho KwaZulu-Natal.
“Sifuna ukuba leli dolobha libe umxhumanisi wezifundazwe ezintathu ngokusetshenziswa kukaN11 kwezomnotho. Sihlela nokuba kwakhiwe isikhumulo sezindiza esizoba usizo olukhulu kwezokuvakasha,” kusho uMahlaba.
Ziningi izinhlelo akhulume ngazo eziseqhulwini. Ezinye zazo kube imali enguR812 million yokufakela izakhamizi ugesi. Imali enguR97 million ezobhekana nokuthuthwa kwemfucuza. Kube imali enguR120 million ebekelwe uhlelo lwamanzi nokuhlanzwa kwawo.
Kubekwe eceleni imali engaphezulu kukaR600 million yohlelo lwezindlu oluqhubekayo.
Kukhona nebalelwa kuR700 million yolunye uhlelo lwezindlu olusazoqala.
Kunemali emenyezelwe enguR115 4000 yokusiza abafundi abafuna ukuqhubeka ezikhungweni zemfundo ephakeme.
UMahlaba umemezele nokuthi uzosungula uhlaka oluzobhekana nezenkolo eNewcastle, oluzoba ngaphansi kwehhovisi lakhe.