IMEYA yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ikwamukele ukuxegiswa wemithetho yezokuvakasha emenyezelwe nguNgqongqoshe wezokuVakasha ezweni jikelele, uNkk Mmamoloko Kubayi-Ngubane.
UKaunda uthe kuyajabulisa ukuthi umkhakha wezokuvakasha uzokwazi ukusebenza ngoba uzokwazi ukuvusa umnotho weTheku.
“ITheku likulungele ukusebenza. Siyajabula ngokuxegiswa kwemithetho kathaqa.Ukukhombisa ukuthi iTheku likulungele ukusebenza isimemezelo sakwaToyota sokuthi bazokhiqiza imoto kanokusho eThekwini lapho sebetshale khona uR2.5 billion. Silindele ukuthi kuvulwe eminye imikhakha ezofukula umnotho wedolobha lethu,” kusho uKaunda.
Uthe ngoMeyi bethule uhlelo lwabo lokuvusa umnotho oshaywe yiCovid-19 kanti ukuvulwa kwezokuvakasha kusho ukuthi lolu hlelo luzoqala ukusebenza.
Ubalule ukuthi banezindlela ezintsha zokwenza imicimbi nokuqinisekisa ukuthi abakulo mkhakha bathola imali abayidingayo kulesi sikhathi.
UNkk Kubayi-Ngubane uthe izindawo zokudlela sezizovalwa ngo-10 ebusuku ukuze zikwazi ukwamukela amakhasimende esidlo sasebusuku.
Abantu bavumelekile ukuhambela izindawo zezivakashi ezisezifundazweni zabo kodwa belandela imithetho yeCovid-19, okubalwa ukugqoka izifonyo nokuqhelelana.
“Yisikhathi esinzima lesi emkhakheni wezokuvakasha. Sikhumbula ukuyodla ezindaweni zokudlela, ukuhlala emahhotela, ukuya olwandle sithokozele imfudumalo yethu,” kusho uKaunda.