Izindaba

Imeya ikhale ngesihlava sokubulawa kwabesifazane

Nkosikhona Cele|Published

IMEYA yaseNkosi Mtubatuba uMnuz Mxolisi Mthethwa

Image: Sithunyelwe

IKHALE ngesihlava sokubulawa kwabesifazane iMeya yaseNkosi Mtubatuba, uMnuz Mxolisi Mthethwa, ethe sihlalise lubhojozi umphakathi wakule ndawo ezingxenyeni ezahlukene.

UMthethwa ubekade ethula inkulumo yakhe ngesikhathi kunomcimbi omkhulu wokwethulwa kwentuthuko edidiyelwe kanye nesabelomali ehholo lomphakathi iZabazendoda, eMtubatuba.

UMPHAKATHI waseNkosi Mtubatuba uhambele ukwethulwa kwentuthuko edidiyelwe

Image: Sithunyelwe

Ukhulume ngesehlakalo lapho kunowesifazane wakule ndawo ohlaselwe ngabathile bamfaka isibhamu emlonyeni bamphuca ifoni base bayambulala emva kwalokho.

Ukhulume nangesinye isehlakalo athe kunowesifazane naye obulewe namanje okungakatholakali ukuthi ungowaphi.

Uthe zikhona nezinye izigameko zalolu hlobo kule ndawo, akazi ngempela ukuthi kwenzekani futhi konakalephi.

Uthe ukhuluma ngalesi sihlava nje ekubeni kwethulwa intuthuko edidiyelwe yingoba ukholwa wukuthi kumele intuthuko ifinyelele emphakathini ojabule hhayi ohlezi lubhojozi ngenxa yokubulwa kwabesifazane.

''Angazi ngempela ukuthi konakelephi ngalokhu kuhlukunyezwa kwabantu besifazane nokubulawa kwabo. Ngaiyacela sithandane futhi sibavikele abantu besifazane,'' usho kanje.

Mayelana nezinto athembise ukuthi bazozibeka eqhulwini ubalule ugesi, amanzi, imigwaqo engenela ezindaweni ezisemakhaya, izindlu zangasese, ezokuthuthukiswa komnotho, izinhlelo zabantu abasha nokunye okuningi.

Ube esenaba kabanzi ngohlelo oluhlabahlosile lokwakhiwa kwesibhedlela kule ndawo adalule ukuthi okwamanje sizoba nemibhede engu-40.

Uthe sikhulu isililo kubantu baseMtubatuba ngokungabibikho kwesibhedlela kule ndawo.

"Lolu wudaba esilubeke eqhulwini ezinhlelweni esinazo, siyakhulumisana noMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal futhi siyakhulumisana noMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi esifundazweni,'' usho kanje.

Ukhale ngebanga elide athe lihanjwa ngabantu baseMtubatuba uma beya esibhedlela kwaHlabisa.

''Sikholwa wukuthi uma bekhuluma abantu bakithi kumele nakanjani sibezwe futhi sibalalele. Yilokhu ke esikwenzayo. Sikholwa wukuthi abantu abakushoyo basuke bekudinga kakhulu."

Uthe nakuba bebhekene nenselelo enkulu yezikhukhula ezikhahlameza ingqalasizinda kodwa bazibophezele ekuqhubekeni nokuqinisekisa ukuthi iba ngcono ingqalasizinda yakule ndawo.

Ugcizelele kakhulu ukuthi bafuna ungabibikho nowodwa umuzi ongenawo ugesi kule ndawo.