IMEYA kaMasipala uBuhlebezwe, uMnuz Zamo Nxumalo, ithi ukunyundelwa nokungcoliswa kwegama layo okwenziwa ngamanye amaqabane kuhambisana nombango wesikhundla semeya yesifunda iHarry Gwala.
UNxumalo, igama lakhe liyavela njengomunye wabantu abangase bavale isikhala esivuleke ngemuva kokuthi obeyimeya yaseHarry Gwala, uMnuz Mluleki Ndobe, enyukelwe izimendlela waqokwa njengePhini likaSomlomo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
Engxoxweni neSolezwe izolo ngemuva kwezikhalo ngaye ngenkohlakalo nokuqasha izinhlobo zakhe, uNxumalo uthe iyamxaka indaba yalezi zinsolo ngoba nango-2011, zavela kuthiwa ukhohlakele ngoba engusomabhizinisi.
“Okokuqala anginayo mina ingane esebenza kulo Masipala engiwuholayo waseBuhlebezwe. Akukho ngisho umuntu wakwaNxumalo osebenza lapha oyisihlobo sami noma okufana izibongo. Izingane zami zintathu futhi zisesesikoleni enye iseNyuvesi bese kuthi ezimbili zibe seHigh School. Ngesikhathi ngingena ihlandla lokuqala ngo-2011 ngakhulunywa kabi, kodwa sengithole imibiko encomekayo kaMcwaningi-Mabhuku iminyaka emine ilandelana,” kuchaza uNxumalo.
Uthe usola ukuthi uhlaselwa ngoba kukhona abacabanga ukuthi kungenzeka aqokelwe ukuba yimeya yaseHarry Gwala. Uqhube wathi nalokho akazi ukuthi kungenzeka kanjani ngoba yisiFundazwe esinamandla okuqoka umuntu futhi le ndaba ayikakhulunywa.
Kuze kube yimanje iHarry Gwala ayinayo imeya selokhu kuhambe uNdobe.
Umthombo ocele ukungadalulwa, uveze ukuthi uNxumalo usejikele amakhansela amaningi uyawahlukumeza.
“Okokuqala ugaqele ukuthatha izintambo zokuba yimeya kamasipala wesiFunda iHarry Gwala kodwa manje usevele washintsha, asiqondi ukuthi lokhu ukwenzelani. Yingakho sekuhlelwe ukhukhulela ngoqo womhlangano ukuze akhishwe esikhundleni.
“Kuningi esikhala ngakho njengoba sifuna nokuba kuphenywe ngokuqashwa kwezingane zakhe ezimbili lapha kumasipala. Sifuna ukuthola ukuthi ngabe ilandelwe yonke yini imigudu efanele,” kusho umthombo.