IMEYA kaMasipala waseNewcastle, uDkt Ntuthuko Mahlaba, ikhwele yadilika kuNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele yambiza ngesahluleki emuva kokuhoxiswa kwecala lokubulala ebibekwe lona.
Izolo iNkantolo yeMantshi yaseMadadeni ilihoxisile icala lokubulala ebelibekwe uMahlaba ngenxa yokuthi ofakazi abahlanu kulabo abayisithupha boMbuso bethe baphoqwa ngamaphoyisa ukuthi bafakaze ngoMahlaba. Omunye ufakazi wabulawa ngoMeyi.
Kube nenhlokomo ngaphandle kwasenkantolo abalandeli bakaMahlaba bejabulela ukuhoxa kwecala lakhe. UMahlaba ubebekwe icala lokubulala uMnuz Wandile Ngobeni owayengumholi we-ANCYL esifundeni iMalahleni.
Ekhuluma nethimba lezindaba lakwaSABC ngaphandle kwasenkantolo emuva kokuhoxiswa kwecala lakhe uMahlaba uthe: “UCele uyahluleka ukwenza umsebenzi wakhe, buka ukuthi kwenzekani eWestern Cape, eGauteng yonke indawo ngisho nalapha
KwaZulu-Natal, wonke amacala lapho kwabulawa khona amaqabane, ngitshele ngecala elilodwa eseliphothuliwe.”
UMahlaba kuthiwa
uphinde wabiza uCele ngephara eliswenkayo. UMahlaba wamiswa ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal wanikwa ikhefu lenyanga labuye lalulwa ngemuva kokuboshwa mayelana necala lokubulawa kukaNgobeni. UMahlaba ubelokhu emile ekutheni uboshelwa amanqina enyathi ngaleli cala.
Ukuhoxiswa kwecala likaMahlaba kwenza ukuthi aqine amathuba okuthi abuyiselwe emsebenzi wakhe.
Okunye okwenza aqine amathuba okuthi abuyele emsebenzini ukuthi i-ANC eKZN ngesikhathi ixosha uNkk Zandile Gumede obeyiMeya yaseThekwini noMnuz Themba Njoli obeyiMeya yaseMsunduzi, ayizange isikhiphe isinqumo ngaye, yathi udaba lwakhe isalusebenza.
UNobhala we-ANC eMalahleni uMnuz Chris Mhlophe, uthe bayasamukela isinqumo sokuhoxiswa kwecala likaMahlaba, wanxusa amaphoyisa ukuthi aphenye ukuze agcine ebatholile ababulali bakaNgobeni.
UMhlophe uthe iyabakhathaza le nto yokuthi kuboshwe abaholi ekugcineni bese eyahoxiswa amacala ababekwe wona.
“Siyafisa sengathi amaphoyisa angawenza ngokucophelela umsebenzi wawo, angabophi abantu ekugcineni kuthiwe bamsulwa ngoba ukuboshwa kwamaqabane kulimaza isithunzi senhlangano,” kusho uMhlophe.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Ricardo Mthembu, uthe bayakwamukela ukuhoxiswa kwecala likaMahlaba. Uthe leli cala liyihlukanise phakathi kakhulu i-ANC eMalahleni.
“Osekusele manje ukuthi sisebenzele ubumbano kumaqabane, siyawunxusa futhi nomphakathi ukuthi ukwamukele ukuthi icala lihoxisiwe. Siyafuna futhi ukukugcizelela ukuthi siyazwelana kakhulu nemindeni yamaqabane alahlekelwe impilo yawo,” kusho uMthembu.