Izindaba

Imeya igqugquzele ukukhuthala kubafundi

Charles Khuzwayo|Published

BEKUKUHLE kudelile emcimbini wokuklonyeliswa kwabafundi basezikoleni zakwaNongoma abaphumelele u-matric ngamalengiso. Kwesobunxele phambili uLondiwe Khoza waseMchitheki High, iMeya uMnuz Albert Mncwango, uSimphiwe Ngcobo waseMlokothwa. Emuva kusukela kwesobunxele umfundi waKwaziphethe High, uSandile Ndabandaba, u- Akhona Mnguni noBandile Mayise baseKing Bhekuzulu High. Izithombe: ZITHUNYELWE

IGQUGQUZELE ukufunda nokusebenza ngokuzikhandla iMeya yakwaNongoma, uMnuz Albert Mncwango, ngesikhathi ikhuluma emcimbini wokuklonyeliswa kwabafundi nezikole zakulesi sifundazwe ezenze kahle ka-Matric nyakenye.

UMncwango, ekhuluma kulo mcimbi obubanjelwe kwaNongoma Multi-Purpose Community Hall, uthe, kubalulekile ukuthi intsha yazi ngokubaluleka kwemfundo.

“Njengabantu abamnyama imfundo iyisisekelo sethu. Yingakho kubalulekile ukuthi sifundise abantwana bethu ukuze bezokwazi ukuthi ayikho indlela enqamulelayo uma ufuna ukuya phezulu noma ufuna ukuphumelela,” usho kanje.

Uqhube wathi njengomkhandlu kuningi abakwenzayo ukuzama ukuthuthukisa intsha yasendaweni njengoba kukhona uhlelo lokuthuthukisa amakhono kulabo abangenzanga kahle ezifundweni zabo.

“Kukhona uhlelo esinalo lokuthuthukisa amakhono afana nokushisela, ukubeka ibhuloksi, ukusebenza ngamapulangwe nokunye. Lokhu kuyabasiza kakhulu abantu abasho ngoba bagcina sebeqashwa ngosomabhizinisi bendawo,” kuchza yena.

UMncwango uphinde waveza ukuthi labantwana abaphase kahle abagcinanga nje ngokuthola izitifiketi nendondo kuphela kodwa umkhandlu uphinde wabalekelela ngemali yokubhalisela emanyuvesi.

Kubo labantwana kubalwa u-Akhona Mnguni obaqwaqwade bonke emakhanda ngokuthola o-A abangu-8.

U-Akhona obefunda eKing Bhekuzulu High uzwakalise okukhulu ukujabula ngokuphumelela kwakhe njengoba sekuzofezeka iphupho lakhe lokuba ngudokotela.

“Ngijabule kakhulu njengoba ngiphasile. Ngibonga kothisha abebesisiza nabazali bami ekhaya abekade bengigqugquzela ukuthi ngifunde,” kusho u-Akhona.

Uthe ufisa nalaba abeza emuva kwakhe babukela kuyena ukuthi ukulalela nokuzimisela kuzala impumelelo. U-Akhona ulandelwe ezithendeni nguBandile Mayise waseKing Bhekuzulu High ngo-distinction abawu-8. Ophume isithathu kube uKhulekani Shongwe wasewaKwaZiphethe High ngo-distinction abawu-8, isine kwaba uSimphiwe Ngcobo waseMlokothwa High ngo-distinction abawu-7, isihlanu kwaba uSandile Melisa Ndabandaba waKwaZiphethe High ngo-distinction abawu-7, isithupha kwaba uLondiwe Khoza waseMchitheki High ngo-distinction abawu-6 kwathi isikhombisa kwaba uSifundo Nene waseKing Bhekuzulu High ngo-distinction abawu-6. Phakathi kwezicukuthwane nosaziwayo ebebekhona kubalwa iMeya yaseMajuba, uMntwana uNdabuko Zulu, umlingisi obenguZulu emdlalweni wethelevishini iZulu NoMhlaba, u-Aphiwe Bhengu nembongi yodumo kuKhozi FM, uSiyabonga Mpungose.