UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthe imboni yamatekisi kumele ihlonishwe futhi ithuthukiswe ngoba iyona emqoka kakhulu emnothweni wakuleli.
URamaphosa ukusho lokhu ethula inkulumo engqungqutheleni iNational Taxi Lekgotla izolo eBoksburg, Ekurhuleni.
URamaphosa uthe ngisho nangezikhathi zobandlululo abamatekisi badlala indima enkulu ekuqinisekiseni ukuthi abantu abamnyama baphephile futhi bayakwazi ukufika emsebenzini.
“Kuyintokozo ukuba ngikhulume kule ngqungquthela, kulezi zinsuku ezintathu kuzobe kukhulunywa ngezinto ezizokwenza imboni yamatekisi ibe ngcono. Imboni yamatekisi ingumgogodla wezokuthuthwa komphakathi. Kusukela ngonyaka wo-1970 abamatekisi ibona abebehlinzeka umphakathi ngezokuthutha. Le mboni yaqhakambiseka kakhulu ngesikhathi uhulumeni wobandlululo efuna ukuvimba ukuba abantu bathole ezokuthutha eziphephile. Kusukela lapho le mboni isikhule kakhulu. Abantu abaningi bathembele kuwo amatekisi ukuba abathuthe.”
Uthe: “Kukhona osomabhizinisi abangaphezu kuka-150 000 kule mboni. Kuqashwe abashayeli abangaphezu kuka-300 000 nabasebenzi baserenki abangaphezu kuka-100 000. Ngenxa yalokho le mboni ibaluleke kakhulu emnothweni wakuleli futhi kumele ithole konke ukwesekwa.”
Uthe osomatekisi kumele balekelelwe ukuthenga izimoto ngesikweletu, ukuzinakekela nokubhekelelwa kwebhizinisi.
“Izimoto ezindala ezingalungisiwe zifaka engozini abagibeli nabanye abasebenzisa umgwaqo. Sifuna le mboni ithuthuke futhi ifike ezingeni lo mhlaba. Kwezinye zezinto ezizokwenza lokho ukuba imboni ilawulwe, kube nendlela emile yokusebenza futhi ithuthukiswe ngokwezimali,” kusho uRamaphosa.
Uthe nalezi zingozi ezingaka ezisemgwaqweni ikakhulukazi ezidalwa amatekisi kumele zinqandwe.
“Kumele sibheke izinselelo eziningi ebezilokhu zikhona kule mboni okubalwa ukuvikelwa kwabasebenzi ukuze bangaxhashazwa. Imboni ayithi izama ukuxazulula udaba lodlame nokuphepha, nathi siwuhulumeni sibe sizinikela ekuletheni izinhlelo ezizolekelela,” kusho uRamaphosa.
Uthe bewuhulumeni bazinikele ekulekeleleni ukuthuthukisa abakule mboni ikakhulukazi abantu besifazane.
“Nisungula amathuba emisebenzi futhi niyalekelela ekusekeni abasebenzi ngokubathutha. Ngalesi sikhathi sihlaselwe igciwane iCorona, nikhombisile ukuthi nizimisele ekwenzeni okusemandleni enu ukulekelela umphakathi.”
Umengameli weSantaco uMnuz Phillip Taaibosch, uthe imboni ikulungele ukulawulwa.
Uthe umhlangano wokugcina owabakhona nohulumeni wawungo-1995, lapho kwaxoxwa ngezinkinga wathi sekuphele iminyaka engu-25 wabakhona ngakho sekudingeka kube nomnyakazo.
“Akukwazi ukuthi sekuphele iminyaka engu-25 kodwa sisakhuluma ngokufukulwa kwemboni. Ezinye zezinto okumele zixoxwe wukuxhaswa kwabagibeli. Asiceli ukuthi kuxhaswe usomatekisi ngayedwana kodwa kuxhaswe abagibeli ukuze azikhethele ukuthi ufuna ukugibelani.”