I-ANC eGauteng iziqhelelanisile nabathi bazomisa yonke into ePitoli namhlanje.
Izolo, abazibize ngamalungu e-ANC futhi begqoke izikibha zayo batshele izintatheli ukuthi bazomashela ezindlini zombuso ezisePitoli (Union Buildings) futhi ngeke bahambe kuze kube uMengameli Jacob Zuma uyehla esikhundleni sokuhola izwe.
“Yithina esihlela imashi i-#ZumaMustGo ngoba sithanda i-ANC. Uma kuwukuthi sizoboshwa, sishaywe noma sibulawe sesikulungele lokho. Ngeke sisuke ezindlini zombuso uZuma engakasuli esikhundleni,” kusho umgqugquzeli we-#ZumaMustGo, uMnuz Lazarus Maumela.
Uthe abantu bazolethwa ngamabhasi angu-100 ePitoli kanti basuka kuzo zonke izifundazwe zaseNingizimu Afrika.
Uveze ukuthi kuzobe kukhona nabantu basePakistan abazomasha nabo.
“Siya e-Union Buildings kusasa (namhlanje) sizosusa isitha. Sikhulumile namaphoyisa aseTshwane ukuthi aqaphe isimo. Uma kufanele simkhiphe ehhovisi uZuma sizokwenza njalo,” kusho uMaumela.
Uthe ngeke bahlulwe wotsotsi abafuna ukungcolisa i-ANC futhi abayisabi neBlack First Land First (BLF) evikela uMengameli.
“Asisabi lutho, abeze nezibhamu zabo otsotsi sizowufela umbutho,” kusho uMaumela.
UMnuz Motalatale Modiba, okhulumela i-ANC eGauteng uthe bayaziqhelelanisa nabe#ZumaMustGo. Ugqugquzele amalungu e-ANC ukuthi angalokothi alalele futhi ahambele imashi ye-#ZumaMustGo.
“Sibabonile abantu abazibiza ngamalungu e-ANC futhi abagqoke izimpahla ze-ANC bekhuluma esithangamini nabezindaba esingagunyaziwe namhlanje (izolo). Isifundazwe sikhiphe umyalelo wokuthi zonke izifunda zibheke amalungu azo azoya esithangamini ukuze aqondiswe ubugwegwe ngokuphula umgomo we-ANC,” kusho uModiba.
Uthe bayabethemba ubuholi bukazwelonke ukuthi buzolulungisa udaba oluthinta uZuma.
“SiyiGauteng siyakuqinisekisa ukuthi sinethemba ebuholini obuphezulu be-ANC obuholwa nguMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi buzoza nesixazululo odabeni lukaMengameli. Siyathemba isinqumo esizothathwa sizobhekela inhlalakahle yabantu baseNingizimu Afrika,” kusho uModiba.
ISACP eGauteng nayo iziqhelelanisile nabathi bazomisa yonke into ePitoli yathi ayikaze ithumele amalungu ayo ukuthi ayokhuluma ngalolu daba.