KULINDELEKE ukuthi kukhethwe ubuholi obusha bePhalamende lamazwe ase-Afrika namuhla eMidrand, eGoli.
USihlalo weKhomishana ye-AU uMnuz Moussa Faki Mahamat, unxuse amalungu ephalamende ukuthi anikeze ithuba amazwe ezifunda zaseningizimu nasenyakatho lokuhola iphalamende.
UMahamat usho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yakhe njengomxhumanisi ozobhekela inqubo yokuvota. Uvumile ukuthi ayisetshenziswa ngendlela inqubo yokushintshashintshana kuleli phalamende. Uthe lokhu kungashintsha ekupheleni kwaleli sonto.
Ingqungquthela eqale ngoMsombuluko, isifike kuvuthondaba njengoba asephakanyisiwe amagama abaqokelwe isikhundla esiphezulu.
Izwe iMalawi lingelinye lamazwe abheke lesi sikhundla, lisole iNingizimu Afrika ngokudlala injenje iZimbabwe.
UMnuz Yeremia Chihana waseMalawi ogaqele sona isikhundla uthi akumele kube ngabantu basezifundeni ezithile abaqhoqhobela isihlalo esiphezulu bodwa kodwa kumele kuzungezwe nabanye bathole ithuba.
Today is the election day of the Pan-African Parliament's president. @TumaoleMohlaol2 speaks to PAP presidential candidate Yeremia Chihana. #Newzroom405
— Newzroom Afrika (@Newzroom405) June 29, 2022
WATCH: https://t.co/MlNrNRjhMh pic.twitter.com/khLTsLpd8F
UPemmy Majodina omele iNingizimu Afrika engqungqutheleni uphumele obala ngokuthi baseka umholi waseZimbabwe, uMnuz Fortune Charumbira kodwa lokho akusho ukuthi bayanzelela.