I-AFRIFORUM ithi babulawe kakhulu abalimi KwaZulu-Natal uma kuqhathaniswa nezinye izifundazwe njengoba kuyiyona ehamba phambili ngabawu-15.
IKwaZulu-Natal ilandelwa yiGauteng lapho kubulawe khona abalimi abawu-14, kuze iFree State ngabayisishiyagalolunye.
UNksz Andrea Muller ongumcwaningi we-Afriforum, uthe sebebonke abalimi ababulewe eNingizimu Afrika ngonyaka odlule bawu-63 uma kuqhathaniswa nabawu-45 ababebulewe ngo-2019.
“Izibalo zethu zihlanganisa bonke abalimi ababulewe yizigebengu emaplazini. Abamnyama nabamhlophe. Izigebengu azicwasi uma sezihlasela zihlasela wonke umlimi. IKwaZulu-Natal iyona ehamba phambili ngabalimi abawu-15 ababulelwe ngonyaka odlule isibalo esiphezulu lesi ngoba ngo-2019 kwakubulewe abahlanu kuphela kulesi sifundazwe,” kusho uNksz Muller.
Kwizibalo zababulawa emaplazini u-66% abanikazi noma abalimi bamaplazi, u-26% amalungu abo omndeni nezivakashi bese u-8% kuba abasebenzi.
Uthe izigameko zokuhlaselwa kwabalimi zibe wu-382 ngonyaka odlule futhi zehlile ngoba ngo-2019 zaziwu-511.
Uveze ukuthi ukuvalwa kwezwe ngenxa yokuqubuka kweCovid-19 kube nomthelela kwehliseni izigameko zokubulawa kwabantu ezweni kodwa sengathi akwenzanga umehluko ekubulaweni kwabalimi ngoba bebebulawa kusukela ngoFebhuwari kuze kube wuDisemba.
UMnuz Ernst Roets oyiNhloko yePolicy kwi-Afriforum, uthe bafuna kube nophiko lwamaphoyisa oluzobhekelela ukubulawa kwabanikazi bamaplazi.
“Uma senza lesi sicelo akusikona ukuthi sithi abanikazi bamaplazi babaluleke ukudlula wonke umuntu kodwa sisho ukuthi kufanele bavikelwe.Abanikazi bamaplazi bayahlaselwa futhi babulawa ngesikhulu isihluku. Siyadinga ukuthi bavikeleke kungakhathaleki ibala,” kusho uRoets.
UMnuz Marnus Kamfer obhekelele ezomthetho kwi-Afriforum ucele abantu ukuthi behlise umoya uma bebona ama-video abalimi abaziqeqesha ngokudubula izibhamu emaplazini ngoba lokhu kuyingxenye yabo yokuvikela abalimi.
Uthe lo mkhankaso ubizwa ngokuthi isafe guard a farm kanti kubalulekile ukuthi abalimi bafundiswe ukusebenzisa izibhamu, usizo lokuqala nezinye izindlela zokuzivikela.