UNGQONGQOSHE wezoBulungiswa, uNksz Mmamoloko Kubayi,usephakamise ukuthi kubuyekezwe ezokuphepha ezinkantolo zakuleli.
Lokhu kuza emva kwesigameko sokudutshulwa kubulawe umsolwa ngaphakathi egunjini leNkantolo yeMantshi yaseMelmoth ngoMsombuluko.
Kulesi sigameko, kuthiwa umsolwa uphuce iphoyisa eliqapha ngaphakathi enkantolo isibhamu.
Kuthiwa elinye iphoyisa, elibone kwenzeka lokhu likhiphe elaso isibhamu ngokuphazima kweso lamdubula lambulala umsolwa.
Ngokusho kokhulumela uNksz Kubayi, uMnuz Terrence Manase, iphoyisa libulale umsolwa lizama ukugwema ukulimala kwabaningi ngaphakathi enkantolo.
Uthe okwamanje imininingwane egcwele yokuthi umsolwa ungubani, wakwabani, kusazogodlwa njengoba kusazoqhubeka uphenyo ngesigameko.
Uqhube wathi ngesikhathi amaphoyisa eqhubeka nolwawo uphenyo olunzulu okulindeleke ukuthi ethule umbiko ogcwele ngalo, nomnyango usuqale olwawo uphenyo ngezokuphepha ezinkantolo.
“UNksz Kubayi usebize umhlangano ophuthumayo, lapho ezwakalise khona isidingo sokuqiniswa kwezokuphepha kuzo zonke izinkantolo,” kusho uManase.
Uthe umnyango usebenza nezinhlaka zomthetho ukuqinisekisa ukuthi ezokuphepha ziyaqiniswa kuzo zonke izinkantolo.
Uqhube wathi bafuna ukuqinisekisa ukuthi bonke abasebenzisa izinkantolo baphephile.
Uzwakalise ukuthi uNksz Kubayi ukushayele ihlombe okwenziwe yiphoyisa ngesikhathi inkantolo ingaphansi kwengcindezi.
Uthe isenzo sephoyisa sinqande inhlekelele ebingahle yenzeke.
Isolezwe lithole ukuthi ukusebenza okwejwayelekile kwenkantolo akuzange kuthikamezeke yize bese kwenzeke isigameko.