IZINDUNA sezisabele kwikhwelo lamakhosi lokuba uZulu uphume ngobuningi bawo uyokweseka iSilo uMisuzulu kaZwelithini, uma sekuqulwa icala elithinta umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu, enkantolo eNkulu eMgungundlovu.
Izinduna sezinxuse uZulu ukuba uphelele ngothi lwawo uma sekuqulwa leli cala ngenyanga ezayo.
Leli khwelo lezinduna liza emva kokuzibophezela kwamakhosi, athembise ukweseka iSilo.
Lesi sethembiso amakhosi asenze ngesikhathi eyokotha iSilo esigodlweni kwaKhangelamankengane, ngesonto eledlule.
Amakhosi ayeyokotha iSilo ayeqhamuka kwizifunda iZululand neKing Cetshwayo.
Amakhosi athi ayakwemukela ukuqokwa kweSilo yize kusekhona umdonsiswano eNdlunkulu.
Umholi woBumbano lweziNduna kwisifunda iZululand, uMnuz Yekayena Mhlongo, uthe nabo babone kungcono basabele kuleli khwelo elihlatshwe amakhosi.
“Amakhosi esingaphansi kwawo asememezelile ukuthi le nto eyenzeka eNdlunkulu awayathandi, wona aseka ukuqokwa kweSilo.
“Usememezile okaNdaba wathi ucela kube mnyama uMgungundlovu ezinduneni nasemakhosini, ukuyokweseka ecaleni elifakwe ilabo abaphikisana nokuqokwa kweSilo.”
UMhlongo uthe bazokube beqhamuka kuzo zonke izifunda ezingu-11 zaKwaZulu-Natal.
“Amabhasi azobe egcwele, ephikelele eMgungundlovu. Sizophuma ngobuningi bethu njengoZulu, siyokweseka uNomthebe wethu.”
UMhlongo uthe bona njengezinduna bayakweseka ukuqokwa kweSilo.
“Incwadi yefa eyashiywa uMdlokombane (iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu), eyafundwa emini, yathi ubukhosi abubanjwe iNdlovukazi (uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu). Incwadi eyashiywa iNdlovukazi yona yakhomba iSilo uMisuzulu kaZwelithini.”
UMhlongo uthe kwakuvele kulindelekile ukuthi iNdlovukazi iyona ezozala iSilo njengoba yalotsholwa isizwe futhi izalwa ebukhosini baseSwatini.
“Mina nje kithi zaphuma izinkomo esibayeni, kwayolotsholwa iNdlovukazi. Njengoba iNdlovukazi yalotsholwa isizwe, iyona okufanele izale inkosana.”
Indlunkulu ihlukene phakathi ngokufanele angene kulesi sihlalo njengoba abanye befuna kungene elinye lamazinyane kaMdlokombane, uMntwana uSimakade Zulu.
Leli cala lizoqulwa ngomhla ka-11 no-12 ngenyanga ezayo.
Lihlukene kabili, elokuqala lafakwa nguNdlunkulu waKwaKhethomthandayo, uSibongile Dlamini-Zulu (uNdlunkulu wokuqala kaMdlokombane). Kuleli cala uNdlunkulu ufuna ukuba athole ingxenye yamafa kaBhejane njengoba ethi umshado wabo uhlanganisa amafa.
Elesibili; lafakwa ngabaNtwana baKwaKhethomthandayo, uNtandoyenkosi noNtombizosuthu. Abantwana bafuna kuchithwe ukuqokwa kweNdlovukazi Shiyiwe Mantfombi Dlamini-Zulu njengebamba bukhosi ngoba basola ukuthi kukokoteliwe ukusayina kukaMdlokombane, encwadini yefa eyayisho lokhu.