Durban: 041018 King Zwelithini arrives at the King Shaka's ceremony held at the Moses Mabhida Stadium. Picture: Gcina Ndwalane / African News Agency (ANA)
SIKHOTHAME sekunethemba lokuthi sizowuphonsa umbalane iSilo saMabandla Wonke, uGoodwill Zwelithini kaBhezulu (72), obexinwe wukugula okuhambisana nesifo sikashukela.
Isilo singeniswe esibhedlela ngasekuqaleni kukaFebhuwari, kwamenyezelwa ukuthi singeniswe egunjni labagula kakhulu. Izindaba zokukhothama kukaNomthebe wesizwe, zimenyezelwe wuNdunankulu wesizwe inkosi Mangosuthu Buthelezi ngoLwesihlanu ekuseni, nokushiye isizwe sonke sithuthumela.
“Kubuhlungu ukuthi ngazise isizwe ngokwedlula emhlabeni kweSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu. Isilo besisesibhedlela ngesikhathi siqiniswa wukugula, sagcina sikhotheme ngezikhathi zasekuseni. Egameni leNdlunkulu sithanda ukubonga bonke abaqhubeka nokuseseka ngemithandazo kulesi sikhathi esinzima,’’ kusho inkosi uButhelezi. OkaBhushobukhali ukhothama nje, inkosi Buthelezi ibisanda kwazisa isizwe ukuthi isimo sakhe siyethembisa emuva kokuthola umbiko kodokotela abebemelapha. Lokhu kubuyise ithemba esizweni sonke kanti isimo sizoshintsha, kwayiqinisa ukugula iMbube kwagcina kuyenele. UBayede uhlale esihlalweni ngo-1971 emuva kokukhothama kukayise iSilo uCyprian Bhekuzulu kaSolomon ohambe ngo-1968.
UMdlokombane uyiSilo esibuse isikhathi eside kunawo wonke amakhosi kaZulu abuse phambi kwakhe. Uhulumeni waKwaZulu-Natal uhloniphe iSilo ngokuhoxisa yonke imicimbi kahulumeni izolo. Kube ngokokuqala ukuthi isiShayamthetho saKwaZulu-Natal sivulwe ngaphandle kweMbube njengoba ibidunguzela kanti nomcimbi wokumenyezelwa kwemiphumela kamatric wenziwe ingekho iMbube. Kuyo yonke le micimbi uNdunankulu wesifundazwe uMnuz Sihle Zikalala ubehlonipha iSilo, ngokukhuza isaga sokukhuleka kuso nakuba besingekho.
UMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa, ethula inkulumo ebhekiswe esizweni wayesifisele ukululama iSilo. Ongangezwe Lakhe uzokhumbuleka ngokugqugquzela imikhosi namasiko kaZulu ikakhulukazi umkhankaso wokulwa negciwane lengulazi, evuselela ukuhlolwa kwezintombi. Uzobuye akhumbuleke ngokukhipha iziyalo ekhuza imikhuba eminingi emibi uma ihlasela isizwe njengokudliwa kwezidakamizwa notshwala entsheni, egqugquzela nemfundo.