UNGQONGQOSHE weziMali uMnuz Tito Mboweni ubeke eceleni uR63 million weKhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana, oholwa yiJaji uRaymond kaZondo ukuze iphothule umsebenzi wayo.
UZondo wafaka isicelo enkantolo enkulu ukuze kwelulelwe isikhathi sokusebenza kwekhomishini, esidonse iminyaka emibili iphenya.
Lokhu kubangelwa ukuthi kunabantu okusamele bavele phambi kwekhomishini bezokwethula ubufakazi. Inkantolo yaselulela kwaze kwaba uMashi isikhathi sekhomishini ukuze iphothule umsebenzi wayo.
Ngesikhathi ethula isabelomali samaphakathi nonyaka izolo, uMboweni uthe ikhomishini izoxhaswa.
INational Prosecuting Authority, oKlebe, iSpecial Investigating Unit noMcwaningimabhuku basebenza ngokubambisana ekuvundululeni inkohlakalo ngeCovid-19.
Ngesikhathi ephendula amalungu ePhalamende kuleli sonto, uMengameli Cyril Ramaphosa uthe bazokwakha izinkantolo zamacala athinta imali ePolokwane, eMahikeng, eMbombela naseMthatha ukuze balwe nenkohlakalo.
Lapha kuzofakwa namacala athinta inkohlakalo emayelana neCovid-19. Ezinyangeni ezidlule uMnyango wezoBulungiswa ubulokhu ugqugquzela ukwakhiwa kwezinkantolo ukuze kuliwe nokukhwatshaniswa kwemali.
UMboweni uthe kubalulekile ukuthi kushushiswe labo abebezixebulela umkhoma emalini eyabelwe ukulwa neCovid-19.