KUSOLWA abanikazi bamatekisi ngokubhuntsha kwemashi yabashayeli obekulindeleke ukuthi ibandakanye abashayeli basesifundazweni saKwaZulu-Natal.
Kuthiwa abanikazi bamatekisi bacuthele abashayeli epaki, iKing Dinuzulu (Botha), ekuseni ngaphambi kokuqala kwemashi nokuholele ekutheni abashayeli bangazibandakanyi kuyona.
UMengameli wenhlangano yabashayeli, iQina Mshayeli, uMnuz Clement Doncabe ogcine efika eCity Hall nedlanzana labantu asebenzisana nabo, uchaze ukuthi ngesikhathi efika kuleliya paki ufice sekukhona abalisa abalinganiselwa ku-200 abebezophazamisa imashi.
“Laba balisa bathe bangabanikazi bamatekisi, bathi abazange babikelwe bona ngemashi. Bebeyibiza ngesiteleka, bethi izophazamisa ukusebenza kwezimoto zabo. Babe sebeba nodlame kubonakala ukuthi ukube amaphoyisa abengekho ngabe bagadlile,” kusho uDoncabe.
Uthe ngenxa yalokhu abashayeli babe novalo bangabe besaba yingxenye yemashi.
“Abashayeli bebesishayela izingcingo noma sesisukile, besibuza ukuthi sesingakuphi ngoba bebefisa ukuba yingxenye yemashi. Okwenzekile kungesinye sezizathu eziholele ekutheni sibe nale mashi. Abashayeli bayahlukunyezwa, behlukunyezwa abaphathi babo. Abanikazi bamatekisi bagcina sebebona engathi yibo kuphela abantu abanamalungelo. Ubuholi busicele ukuthi singaphazamisi ukusebenza nokuthi lungabibikho udlame futhi sahambisana nalokho. Kusiphatha kabi uma sebengasakhulumi okufanayo kubanikazi bamatekisi,” kuqhuba uDoncabe.
BAKHALA ngokubukelwa phansi kwamalungelo abo abashayeli bamatekisi abangaphansi kweQina Mshayeli okubhuntshe imashi yabo namhlanje eThekwini ‘abanikazi bamatekisi’ beshaya phansi ngonyawo bethi azikho izimoto ezizoma. Umengameli wale nhlangano, uMnuz Clement Doncabe, uyenaba: pic.twitter.com/oBYaQ7re1y
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) July 11, 2018
Uthe babebabikele abaholi bezinhlaka zamatekisi kulesi sifundazwe ukuthi bahlele le mashi abebehlose ngayo ukuzwakalisa ukukhathazeka kwabo ngezinkinga ezisembonini okubalwa kuyo ukunyuswa kwaphethroli, ukulethwa
komthetho omusha we-Administration Adjudication of Road Traffic Offences (AARTO) ophuca abashayeli amaphuzu uma benze amaphutha emgwaqweni nongagcina uholele ekutheni baze baphucwe amalayisensi. Baphinde bakhala nangokunyuswa kwaphethroli abathe kuholela ekutheni kunyuke imali yokugibela, kubaxabanise nabagibeli. UDoncabe uthe okunye abebefuna ukuthi kubhekwe ukubulawa kwabashayeli bamatekisi ngenxa yezimpi zasematekisini nokuhlukunyezwa kwabo abaqashi.
Uthe ngeke bayeke ukulwela amalungelo abashayeli noma bevinjwe abanikazi bamatekisi.
UMnuz Sifiso Shangase ongumphathi wehhovisi leSouth African National Taxi Council (Santaco) KwaZulu-Natal, uthe akazi ngabalisa abazibize ngabanikazi bamatekisi abasolwa ngokuphazamisa abashayeli abebezomasha.
Uthe babecelile ukuthi ubuholi baQina Mshayeli bubachazele ukuthi bumele bani nokuthi busebenzela kuphi kodwa lokhu kwagcina kungenzekile.
Uphinde wathi bebebona kukuhle ukuthi buxhumane nobuholi beSantaco eThekwini ngoba bona ngokubona kwabo, le nhlangano inamalungu eThekwini futhi ikhuluma kakhulu ngezinto ezithinta iTheku. Uthe kufanele le nhlangano ixoxisane nobuholi ngaphambi kokuthi babambe amamashi ngezindaba ezithinta umsebenzi. UShangase uthe bayalugxeka udlame lwanoma yiluphi uhlobo ngoba lungcolisa igama lemboni.
“Njengoba sasibacelile nabo ukuthi sicela benze konke abazokwenza ngokuthula, asihambisani nodlame. Uma kuwukuthi kuyiqiniso ukuthi kukhona abebebaphazamisa kwaze kwafinyelela ekutheni bazame ukubabamba ngezandla siyakugxeka lokho ngoba ekugcineni kungcolisa igama lemboni,” kusho Shangase.