UGCINE ukhokhe uR76 million uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, ukhokhela inkampani eyahoxa ekuhambiseni ukudla ezikoleni zesifundazwe, iPacina Retail ekubeni yona yaifune ngaphezu kukaR100 million.
Le nkampani ikhokhelwe le mali ekubeni yona yayifune ukukhokhelwa uR124 million, ngokuhlinzeka ukudla ezikoleni ngo-Ephreli kulo nyaka.
UMnuz Nathi Ngcobo, iNhloko yoMnyango, utshele ikomiti elibhekele imali esiShayamthetho ukuthi baqala ngokukhokha uR70 million ngomsebenzi eyawenza ihambisa ukudla ezingxenyeni zesifundazwe.
Uthe bekusele ukuthi kwenziwe ucwaningo ezifundeni ezimbili ukuze bagcine bekhokhe enye ingxenye.
“Kuthe uma sekuphele lolu cwaningo ngoba besikhokha ngokudla okwafika kusesimeni sokuthi kwamukelwe yizikole, sabe sesikhokha uR6 million. Uma ubheka imali le nkampani eyayifune ukukhokhelwa yona, ingaphansi kwale esigcine siyikhokhile singumnyango,” kusho uNgcobo.
Amalungu aleli komiti abefune ukwazi ngezakamuva ngodaba oluthinta ukukhokhelwa kwale nkampani.
Le nkampani yahoxa ekusabalaliseni ukudla ezikoleni emva kwezinkinga ezabakhona ngesikhathi iqala ukwenza umsebenzi.
UNgcobo uthe uphiko lwezomthetho lomnyango lwabaluleka ukuthi bakhokhele le nkampani ngomsebenzi eyawenza.
“Alikho icala eliqhubekayo phakathi komnyango nePacina. Sikhokhele lokhu obekufanele sikukhokhele. Senza ucwaningo olunzulu sakhuluma nezikhulu zomnyango okuyizo ezazamukela impahla. Ukuba le nkampani yasiyisa enkantolo, yayingawina ngoba bukhona ubufakazi bokuthi ukudla kwahanjiswa,” kusho uNgcobo.
UNgcobo usho lokhu nje amaqembu ezepolitiki akhala ngokuthi ezikoleni eziningi akuzange kuhanjiswe ukudla ezikoleni.
Amanye amaqembu aze anikela ngokudla ukuze abafundi baqhubeke badle.
UNgcobo uveze ukuthi abakaze basebenzise imali engaphansi kwaleyo ababelwe yona ohlelweni lokudla ezikoleni.
Ubuye waveza ukuthi enye yezingqinamba ababhekana nazo eyezikole ezingazikhokheli izidingo, okungamanzi nogesi.
UMphathiswa walo mnyango uNkk Mbali Frazer, uthe badonsa kanzima njengoba bebhekene nenkinga yemali, eyenze ukuthi kwamanye amahhovisi abo kuvalwe ugesi.
Uthe kwesinye isikhathi abakwazanga ukuthumela imali ezikoleni, eyaziwa ngama-norms and standards.