KUPHUME isidumbu bebanga ukuphuzisana ugologo, endaweni yokucima ukoma KwaMashu, ngoLwesihlanu ebusuku.
KUPHUME isidumbu bebanga ukuphuzisana ugologo, endaweni yokucima ukoma KwaMashu.
UMnuz Ntuthuko Sicelo Mbayi (27), okuthiwa ushone emva kokugwazwa ngowesilisa amjwayele khona endaweni, amfice ephuza ibhodlela likagologo wacela ukuphohlozelwa kulo kwaba ukuqala kwengxabano.
Kuthiwa emva kokugwazwa kwakhe (Mbayi), abebekhona bathelekele umsolwa ngenduku ogcine ephuthunyiswe emtholampilo elimele ngaphambi kokuba ashaqwe ngamaphoyisa.
Unina kaMbayi, uNksz Zandile Mbayi, uthe lesi sigameko sibashaqise kakhulu njengoba indodana yakhe ubenethemba lokuthi ekuhambeni kwesikhathi izogcine ibuyekile utshwala, ihlele impilo yayo njengezinye izingane kwazise ibisencane.
“Lesi isigameko sibe buhlungu kakhulu. Ubengasebenzi kodwa bekuwumuntu ombonayo ukuthi unayo injongo kangangoba notshwala lobu ubengabulokothi, yinto ayiqale nje manje, kodwa belikhona ithemba lokuthi ngoba buyisidakamizwa esiyekekayo, uzogcina ebuyekile,” usho kanje.
Uthe utshelwe ukuthi ubehleli lapho kuphuzwa khona, wacela ukuphuziswa umfana wakamakhelwane amaziyo, kwawukuqubuka kwengxabano eholele ekutheni agwazwe abulawe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe umsolwa ona-30, bekulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma izolo, ngecala lokubulala.
“Kusolakala ukuthi umgilwa ubenengxabano nomsolwa ngaphambi kokuthi amgwaze. Imibiko ithi uphuthunyiswe esibhedlela kodwa washonela khona,” kusho uNetshiunda.
Isiteshi samaphoyisa KwaMashu singezinye zeziteshi ezihamba phambili okubikwe kuzo izigameko zokubulawa kwabantu kuleli, ngokwezibalo zekota yesithathu ezimenyezelwe ngoFebhuwari.
Related Topics: