LENZA okungajwayelekile ikhehla laseMgungundlovu elifunela umzukulu walo oyintombi nto isoka.
Leli khehla (70) (esiligodlile igama lalo ukuvikela umzukulu walo), lithi seliphume umkhankaso wokufunela umzukulu walo isoka elizomshada.
Leli khehla licele iSolezwe ngoMgqibelo ukuba nalo lingenelele ukuze lizothola lo wesilisa elithi kumele kube ngothembekile, ohloniphayo, ongabashayi abantu besifazane, okukhulu kunakho konke kube yindoda esebenza kahle futhi emazisayo uNkulunkulu.
UBhengu uthi lokhu kungezwakala sampicabadala kodwa akusiyona inganekwane ngoba uhlose ukuthi uma kwenzeka uNkulunkulu emthatha, aphumule ngokuthula azi ukuthi umzukulu wakhe usezandleni zowesilisa ofanelekile.
Leli khehla lizishaye isifuba ngokuthi umzukulu walo angaba ngumama ongalibamba lifudumale ikhaya.
“Ndodana, lapha ngikhuluma ngowesifazane oyintombi nto. Ngikhuluma ngegolide loqobo. Ngikhuluma ngowesifazane okungathi uma umbuka kwawena, ucele ukumshada,’’ usho kanjena.
Ikhehla liveze ukuthi umzukulu walo useyintandane ngoba abazali bakhe sebalala kobandayo. Lithe lifuna owesilisa ozethembayo.
“Angifuni noma ngubani, ngifuna ibhungu elinesiqiniseko sokuthi lifunani empilweni yalo. Futhi loyo wesilisa angeke aze azisole ngesinqumo sakhe,’’ usho kanjena.
Liqhuba liveze ukuthi umzukulu walo akathandani namuntu, lamncoma kakhulu ngokuziphatha kahle aze ahlanganise iminyaka engu26 yobudala. Lichome ngokuthi umzukulu useqalile ungena nakwezamabhizinisi. Lase libuza ukuthi ubani ke ongethande ukuthi abe nomfazi ongusomabhizinisi kodwa futhi ebe emthole eyintombi nto?
Lithe impela lena yinhlanhla engandele bani.
UNkk Doreen Bhengu, ugogo kaSilindile, uhambe emagameni omyeni wakhe. Naye uchaze umzukulu wakhe njengowesifazane ozihloniphayo futhi ohlakaniphile kakhulu. Uthe esikoleni uqedile, ibanga leshumi waliphothula futhi uneziqu ze-Information Technology (IT). Konke lokhu uthe kumenza abe ngowesifazane onohlonze
.Ethintwa umzukulu osahamba emhlangeni, uvumile ukuthi uyintombi nto. Wazichaza njengowesifazane oziphethe kahle. Wathi uyasihlonipha isifiso sikamkhulu wakhe.
“Ungitshelile umkhulu ukuthi usezokhangisa ngami. Ngesikhathi eqala engitshela le nto, ngangizitshela ukuthi uyadlala,’’ usho kanje.
Intatheli imbuzile ukuthi ngempela akekho yini owesilisa athandana naye, wacela ukungawuphenduli lowo mbuzo, wagxila ekutheni okumqoka yilokhu okufiswa ngumkhulu wakhe.
UNomagugu Ngobese, isishoshovu sezamasiko, uthe inhliziyo idla ukudla ekuthandayo. Ngalokho uthe uchaza ukuthi kuyilungelo lowesifazane ukugana lapho ethanda khona.
Uthe kuyinto engandile ukuthi umkhulu amane athathe isinqumo sokuthi akhangise ngomzukulu wakhe.
“Ayijwayelekile impela le nto eyenziwa ngumkhulu kodwa mhlawumbe yena unesizathu sakhe sokuthi enze kanjalo. Ngokwazi kwami ingane yentombazane kumele ikhethe owesilisa emthandayo,’’ usho kanjena.