NGEKE kuphazamiseke ukusebenza koMnyango wezeMpilo ukuya ekhefini eliyisipesheli kukaNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Zweli Mkhize.
UDkt Mkhize unikwe umengameli wezwe ikhefu eliyisipesheli, uzoba kulona kuze kuphothulwe uphenyo olwenziwa uphiko lwabaphenyi oluyisipesheli, iSpecial Investigating Unit (SIU) oluthinta ithenda yeDigital Vibes.
USolwazi Helen Rees, weSouth African Health Products Regulatory Authority (SAHPRA), uthe ngokubona kwakhe, ukuya ekhefini kukaMkhize ngesikhathi esibucayi njengalesi kuzokwenza ukuthi kube nzima.
"Baningi abasemkhakheni wezempilo abebesebenzisana njengoba kuyisikhathi esinzima, kuzoba nzima ngempela njengoba engasekho emnyangweni.
UDkt Kerin Begg weNyuvesi yaseCape Town, owungoti wezempilo ezikhungweni zikahulumeni, uthe ngokubona kwakhe ukuba sekhefini kukaMkhize ngeke kuphazamise izinhlelo zikahulumeni zokulwa nobhubhane iCovid-19.
"Umsebenzi wansukuzonke wokulawulwa kweCovid-19 uzoqhubeka ngendlela obuhlelwe ngayo kodwa kuzoba nomthelelela ekutheni usengethenjwa uMnyango wezeMpilo," kusho yena.
UDkt Myuyisi Mzukwa wenhlangano yodokotela iSouth African Medical Association (SAMA), uthe kubethusile ukuthi kubikwe izinsolo zokukhwabanisa.
"Kuyilungelo likamengameli ukuthi athathe isinyathelo uma kunezinsolo. Ngokubona kwami, akukho ukuphazamiseka okutheni okuzokwenzeka ngokuba sekhefini kukaDkt Mkhize ezinhlelweni zokulwa neCovid-19. Ungqongqoshe usuke ewengamele umnyango kodwa ngaphakathi kuwo kunamathimba okuyiwona enza umsebenzi ngqo. Uhlelo lokubhekana nesiqubu sesithathu seCovid-19, siyacabanga beluvele selwenziwe," kusho yena.
Uthe ngaphezu kwalokho, iPhini likaNgqongqoshe uDkt Joe Phaahla, eselinesikhathi eside likhona kulo mnyango, lizomsiza uNgqongqoshe osabambile uNkk Mmamoloko Kubayi-Ngubane.
"Into engehla, ukuzimisela kwabasebenzi nesithunzi somnyango," kusho yena.