KHATHAZEKILE imindeni emibili yaseBergville kuhamba izinsuku bengatholakali abathandiweyo bayo abaminze edamini, iWoodstock, ngoLwesihlanu.
Ngokuthola kweSolezwe, uMnuz Ayanda Mbele (20) noMnuz Xolani Ndlazi (26), abangabangani, baminze ngesikhathi bedoba izinhlanzi kuleli damu.
Umkhulu ka-Ayanda, uMnuz Shadrack Mbele, uthe bathole ukuthi ngosuku lwesigameko abangani babesesikebheni sikapulastiki, maphakathi nalo idamu, ngesikhathi sigumbukuqela, baminza.
Uthe bobabili nesikebhe sabo abakaze batholakale kuze kube yimanje.
“Ukuhamba kwabo, konke nesikebhe abebesigibele, yinto esingazi ukuthi singayichaza siyithini,” kusho uMbele.
Uveze ukuthi bezwa ubuhlungu njalo uma kufanele bavuke ekuseni bayonkanisa eduze nedamu, ngethemba lokuthi abatshuzi bazobafuna baze babathole.
“Sibuye sithandazele ukuthi okungenani abadedeleke lapho bebambeke khona, bantante ngaphezu kwamanzi ukuze babonakale, bakhishwe,” kusho uMbele.
UMnuz Thobekani Maphalala, wakubo kaNdlanzi, ukhale ngokuthi ngabe kungcono ukuthi bathunyelelwa nangaphansi kwamanzi.
Uthe laba ababheka njengamanje bab ithimba elikwazi ukungena libhekeheka isikhathi esincane ngaphezulu kwamanzi, babuye bahambe.Uveze ukuthi abaminzile baneminyaka bedoba kuleli damu ngesikebhe. Uthe baye bahambe bayoshiya inethi maphakathi nalo idamu isikhathi eside bese beyoyilanda uma sebebona ukuthi isibabambele izinhlanzi.
Ikhansela lendawo, uMnuz Sanele Buthelezi, liveze ukuthi lona leli damu seliqala ukuba yingozi emphakathini ngoba seziya ngokwanda izigameko zokuminza kwabantu kulona.
Uthe kwesinye isikhathi baminza ngababili, kwesinye baminze ngabodwana.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe udaba lwabaminza lwabikwa esiteshini samaphoyisa eBergville."Kuze kube imanje bebengakatholakali," kusho uNgcobo.