LIKHONJWE indlela ikhansela lomphakathi kuMasipala waseBuhlebezwe ngenxa yokuthi libonakale kwiFacebook ligqoke isikibha sePhini likaMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa.
UMnuz Mphikiseni Mdunge oyikhansela lomphakathi ophethe e-ward 9, utshele Isolezwe izolo ukuthi uthuke kwaphela nasozwaneni ethola incwadi ngoLwesine oludlule, evela kwimenenja yomkhandlu uMnuz Gamakhulu Sineke ebimazisa ngokuxoshwa kwakhe kumasipala.
UMdunge uthe incwadi ithi uxoshiwe ngenxa yokuthi uphule umgomo kamasipala ngokugqoka umfaniswano weqembu lezepolitiki.
“Incwadi ayicacisi ukuthi yiliphi leli qembu lezombusazwe okukhulunywa ngalo kodwa mina ngazi isithombe esisodwa lapho kade ngigqoke khona isikibha esinobuso bukaRamaphosa ngizimele namanye amaqabane, kubalwa noMnuz Senzo Mchunu,” kusho uMdunge.
Uthe lesi sithombe sashuthwa esemkhankasweni kaRamaphosa, e-Olive Convention Centre eThekwini.
UMdunge uthe lolu daba uselubike kummeli wakhe omyalele ukuthi akaqhubeke nomsebenzi.
“Ngiyaqhubeka nokusebenza ngoba mina ngakhethwa ngabantu hhayi umkhandlu. Ngabantu kuphela abangangixosha uma bengasangifuni,” kusho uMdunge. Uthe uzoya nasemhlanganweni wamakhansela omkhandlu ozoba ngoLwesine kuleli sonto.
Uthe ubekwi-ANC waphuma kuyo ngemuva kokucelwa ngamanye amalungu enhlangano ukuthi akabe yikhansela lomphakathi kulandela ukungaboni ngasolinye mayelana nowayephakanyiselwe esikhundleni sobukhansela, ngaphambi kokhetho lohulumeni bezindawo ngo-2016.
“Ngisadidekile ukuthi kungani incwadi engixoshayo ivele kwimenenja yomkhandlu ngoba kumele ngabe iphume kusomlomo okungumuntu engibika kuyena,” kusho uMdunge.
Imizamo yokuthola uSomlomo uMnuz Zwakele Mngonyama ayizange iphumelele izolo, ucingo lwakhe beluvaliwe.
Ithintwa imenenja uSineke, ithe ngeke isakwazi ukuphawula ngalolu daba ngoba selusenkantolo.
“Uma udaba selusenkantolo alube lusakhulumeka futhi umnikazi wayo indaba uyena oluyise enkantolo,” kusho uSineke.