I-ANC Women’s League esifundeni iJosiah Gumede, ifuna kuphenywe ikhansela le-IFP elisolwa ngokushaya nokusabisa amakhansela esifazane e-ANC emhlanganweni womkhandlu.
Yize i-IFP KwaZulu-Natal iziphika lezi zinsolo ezibekwa ngekhansela layo, kepha leli khansela selivulelwe icala lokushaya emaphoyiseni kanti futhi nehhovisi likasomlomo kulo mkhandlu, nalo seliqale uphenyo ngalolu daba.
UMnuz Mtshengiseni Zulu, we-IFP, usolwa ngokushaya uNksz Samkelisiwe Khumalo nokusabisa uNksz Thuli Shandu, bobabili abangamakhansela e-ANC.
Lesi sigameko senzeke ngoMsombuluko ngesikhathi kuqhubeka umhlangano womkhandlu eWembezi Multi-purpose Centre.
UNobhala we-ANC Women`s League esifundeni iJosiah Gumede, uNksz Thabisile Njoko, usenxuse ukuba siphenywe lesi sigameko.
"Sishaqekile futhi sinyanyile ngalokhu kuhlukunyezwa kwamakhansela, ehlukunyezwa yikhansela le-IFP."
UNksz Njoko, naye oyikhansela kulo masipala, uthe la makhansela ahlukunyezwe kubona wonke umuntu.
"UZulu wasuka lapho kuhlala khona amakhansela e-IFP weza ngala kuhlala khona amakhansela e-ANC, wafike washaya ngempama ikhansela lesifazane, waphinde wasabisa ngokushaya elinye.
"Sikhathazekile kakhulu ngokuziphatha kukaZulu, oziphathe ngendlela engemukelekile. ISouth Africa inezibalo eziphezulu kakhulu zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane emhlabeni wonke jikelele. Abantu abanjengoZulu, abangabaholi bomphakathi, silindele ukuthi kube yibo abahamba phambili ekulweni nalesi sihlava."
UNksz Njoko unxuse ukuba kuphuthunyiswe uphenyo.
Kepha uSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe akusilo iqiniso ukuthi uZulu wabeka isandla noma wasabisa amakhansela esifazane.
“Yebo, kwaba khona ukuphakama kwemimoya, kepha kwakuphakathi kukaZulu nelinye ikhansela le-ANC lesilisa.
“Nakuba kwaba khona ukuphakama kwemimoya, kodwa akekho owabeka omunye isandla ngoba kwakukhona abantu ababephakathi kwabo.’’
Usomlomo walo mkhandlu, uMnuz Sifiso Mdakane, ukuqinisekisile ukuthi ihhovisi lakhe liyaphenya ngalesi sigameko.
"Ikhansela elithintekayo lafaka isikhalazo, kanti namaphoyisa afika ukuzokwenza umsebenzi wawo. Engingakusho ukuthi sizozama ukuluphuthumisa lolu phenyo."
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi kunecala lokushaya elivulwe esiteshini samaphoyisa eWembezi.
"Ovule icala wenze izinsolo zokuthi washaywa wumsolwa owaziwayo, emhlanganweni owawusehholo lomphakathi khona eWembezi."
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaZulu ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belungangeni futhi nomyalezo lingawuthathi.