IMEYA yoMkhandlu waseHarry Gwala uMnuz Mluleki Ndobe ithi beyazi ukuthi imsulwa ngemuva kokuhoxiswa kwamacala ayo eNkantolo yeMantshi eMzimkhulu, izolo.
Ekhuluma namakhulu abalandeli bakhe uNdobe, uthe kumhlukumezile futhi kumdinile ukuboshwa kwakhe.
Uthe kodwa akazimisele ngokukhuluma kakhulu, wabe esebonga abalandeli bakhe ngokumeseka.
“Siyabonga ngokuseseka kwenu ebunzimeni esidlule kubo. Nibonisile ukuthi ningamaqabane angempela futhi lokhu kubonisile ukuthi niyawazi umthetho. Lapha eNingizimu Afrika akusikho kwampunzedlemini, iyizwe elinoMthethosisekelo elinentando yeningi. Kunomthetho othi umuntu osolwayo ngokuthile umsulwa kuze kube utholwa inkantolo enecala. Kodwa besazi ukuthi ezinkantolo zabantu besezisingcolisile, sahlulelwa, sabizwa ngalo lonke uhlobo lwamagama. Kodwa nina nama nathi nakholelwa ekutheni simsulwa. Ngalokho siyabonga kakhulu,” kusho uNdobe.
Uthe bathathe isinqumo, ngokwelulekwa ngabameli ukuthi bangakhulumi kakhulu ngecala.
“Sizophinde sihlangane nethimba lethu labameli kusasa (namhlanje) futhi sisazoxoxa nobuholi be-ANC, sithole izeluleko kwi-ANC. Singamaqabane aziphethe kahle ombutho. Singasolwa ngayo yonke into kodwa asisoze sasolelwa ukubulala futhi hhayi ukubopha itulo lokubulala. Besazi ukuthi simsulwa futhi ngalokho siyabonga maqabane. Size lapha enkantolo sizokhombisa ukuthi simsulwa futhi sizogeza amagama ethu, ngisho nangaphambi kokuba sibuzwe ukuthi siyawavuma noma siyawaphika yini amacala esibekwe wona sinoSikhosana, uMbuso uthathe isinqumo sokuthi uwahoxise amacala obusibeke wona ngoba ungenabo ubufakazi,” kusho uNdobe.
“Abanye bethu bebelokhu belandelwe ngoKlebe noPhiko iSpecial Investigative Unit (SIU) eminyakeni emihlanu edlule. Namhlanje sekuphekwa amacala okubulala nokubopha itulo lokubulala. Kodwa besazi ukuthi simsulwa,” kusho uNdobe.
Abalandeli bakhe bebekholwa ukuthi ukuboshwa kwakhe kuhlangene nezombusazwe njengoba eboshwe kungapholi maseko kuphume uhlu lwamagama abantu abaya esiShayamthetho engowesithathu. Khonamanjalo, isazoqhubeka nokubhadla ezitokisini iMeya yaseNecwastle, uDkt Ntuthuko Mahlaba ngemuva kokuhleliswa kwecala layo eNkantolo yaseNewcastle izolo.
UMahlaba osolwa ngokubulala uMnuz Wandile Ngobeni owayengumholi we-ANCYL esifundeni eMalahleni, uzobuyela enkantolo ngoMsombuluko lapho kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili.