IKATI lilele eziko kwisalukazi sawaKwaBester, eNanda, okuphenywa obhalise impesheni ngaso, okuvela ukuthi sekungokwesibili siqolwa ngendlela efanayo.
Sekuphele izinyanga ezine engayiholi impesheni uNkk Thandi Mahlaba (65), eyavaleka ngoJuni kuthiwa kusaphenywa ngoyibhalise ngegama lakhe, obeseyihola.
UNkk Mahlaba utshele Isolezwe ukuthi usumphinda okwesibili lo mshophi njengoba impesheni yakhe yavaleka nango-2014 ngenxa yesimo esifanayo.
“Okungiphethe kabi ukuthi mina ngiyalamba nezingane zami kodwa kukhona otamuza impesheni yami. Ngesikhathi beyivala ngoJuni bathe kungathatha ngisho unyaka ukuphenya lolu daba lwami. Ngesikhathi ngivalekelwe impesheni ngo-2014 bangitshela ukuthi sebenze konke okusemandleni ukuthi bangaphinde bangiqole,” echaza.
Uthe ngesikhathi evalelwe impesheni ngo-2014 kwatholakala ukuthi kunowesifazane osemncane osebenzise imininingwane yakhe, obehola impesheni ngegama lakhe imali eyikhipha ebhange.
Akuqondakali ukuthi namanje kungabe impesheni yakhe iholwa nguye yini lo wesifazane wango-2014.
Uveze ukuthi wasibona ngisho isithombe salo wesifazane, esasinanyathiselwe komunye umazisi owawunemininingwane yakhe.
Uthuke umhlola ngoJuni ephinde ehlangabezana nale nkinga.
Usesola nokuthi umkhuba ungaphakathi kwaSouth Africa Social Security Agency.
Emuva kokuvalwa kwempesheni yakhe ngoJuni uthe watshelwa ukuthi akayokwenza incwadi efungelwe, ayihambise naseMnyangweni wezaseKhaya.
Okumkhathazayo ukuthi utshelwe ukuthi kungathatha izinyanga eziyisithupha noma unyaka ukulungisa le nkinga. Ukhala ngokuthi akukho ngisho amaphasela okudla awatholayo ngesikhathi esalinde ukulungiselwa impesheni.
UNkk Mahlaba uhlala nabazukulu ababili, abathembele kuyona impesheni yakhe.
Okhulumela abakwaSassa KwaZulu-Natal, uMnuz Mbizeni Mdlalose, uthe lubucayi kakhulu udaba lukaNkk Mhalaba, yingakho kumele luphenywe kabanzi.
Uthe kuzomele abuyele emahhovisi akwaSassa akhulume nemenenja yamahhovisi ukuze baqhubeke nokumsiza.