USOMLOMO esiShayamthetho KwaZulu-Natal uyazichitha izinsolo ezibhekiswe ehhovisini lakhe yiqembu i-IFP esifundazweni, zokusetshenziswa kwesandla sensimbi ekuphathweni kwabasebenzi nokuqasha ngokwenzelela.
USotswebhu omkhulu we-IFP kwisiShayamthetho sesifundazwe uMnuz Blessed Gwala ubhale incwadi evulelekile egxeka inqubo okusetshenzwa ngayo ehhovisi likaSomlomo uNksz Nontembeko Boyce athe kunobundlovukayiphikiswa, inkohlakalo nokuqashwa kwabathile ngobungani kodwa uSomlomo uyazichitha lezi zinsolo.
IHhovisi likaSomlomo lisola uGwala ngokuhlela umkhankaso wokumqumba phansi ngokumsulela ngezinsolo elithi kazinabo ubuqiniso.
“Kubalulekile ukuthi njengezwe elibuswa ngentando yabantu, sizifundise ukuhlolisisa zonke izinsolo ngaphambi kokuthi zinekelwe umphakathi. Intando yabantu isengcupheni uma kungalandelwa imigudu efanele uma kunezinsolo kodwa zivele zivezelwe umphakathi ngezinhloso zokuzuzisa abathile,” kusho uNksz Boyce.
Encwadini uGwala uthe banqume ukuyibhala ngoba kabavunyelwe ukuphosa imibuzo ngqo eHhovisi likaSomlomo uma kukhona abangakuboni kahle nabakubuka njengokunqindwa amandla ekubuzeni ngokusebenza kwemali yabakhokhi bentela kodwa uNksz Boyce uthe wonke umuntu kwisiShayamthetho unelungelo lokukhuluma ngokukhululeka ngakho okushiwo yi-IFP kungamampunge.
I-IFP ithi ifuna izimpendulo kuSomlomo ngokuqasha ngobungani njengoba ithi kunomngani wakhe owaqokelwa esikhundleni esiphezulu waphinde wayophoqa abakandabazantu emnyangweni ukuthi bashintshe inkontileka yalowo msebenzi ingabi yiminyaka emihlanu kodwa kube ngeyomuntu oqashwe ngokugcwele.
UNksz Boyce uthe isikhala sakhangiswa emaphephandabeni amancane namakhulu akuleli futhi abukho ubudlelwane anabo ngowaqashwa kulesi sikhundla ngaphandle kobudlelwane bomsebenzi anabo nabo bonke abasebenzi ehhovisi lesiShayamthetho.
Uthe odabeni lokuguqulwa kwenkontileka yalo msebenzi yeminyaka emihlanu kube ngeyoqashwe ngokugcwele, isiShayamthetho silandele imigomo ebiseke yenzeka phambilini ethi umsebenzi ofake isicelo somsebenzi wesikhundla esiphezulu uma emukelwa kuso kumele anikezwe konke okuyizinzuzo zesikhundla asekuso. Ukhumbuze i-IFP ngesinyathelo esifanayo athe senziwa ngo-2013 ngesikhathi kuqokwa imenenja ophikweni lwezomthetho kuso isiShayamthetho nathe uGwala wabe esevele eseyilungu laso.