Inkosi yaKwabhidla eBulwer, uThulabezwe Dlamini, 54, ugcinwe esitokisini ngoLwesihlanu, 9 May 2025 kulandela ukuvela eNkantolo yeMantshi yaseHlanganani ngecala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-18 ngomhlaka-4 Meyi 2025.
"Kubikwa ukuthi ngalolo suku umsolwa wagibelisa isisulu emotweni sisuka endaweni yaseGqumeni wanqaba nokusehlisa, washaya imoto waya ehlathini endaweni lapho afike wadlwengula khona le ntokazi," kubika amaphoyisa ngesitatimende.
Udaba lubikwe emaphoyiseni kwathi ngemuva kokuzwa ukuthi amaphoyisa ayamfuna, wazinikela emaphoyiseni nabameli bakhe ngoLwesihlanu, 9 May 2025.
Umsolwa uthweswe icala wayiswa enkantolo ngalo usuku lokuboshwa wakhe, inkantolo inqume ukuthi agqunywe esitokisini kuze kube umhla ka-12 kuMeyi 2025 lapho ezofaka khona isicelo sebheyili ngokusemthethweni.