Izindaba

Igonyuluka ngokukhula ngaphandle kukayise ingwazi yeSundowns

Nkosikhona Cele|Published

KUSUKA kwesobunxele nguSandile Ndlovu, uManqoba Mngqithi ololonga iGolden Arrows, uMnuz Graham Sabela ongumphathi wenkampani iG Force, uMqondisi wamaZulu uPedro Dias kanye noSiyanda Zwane ogonyuluke ngobunzima bokukhula ngaphandle kukayise

Image: SITHUNYELWE

OMUNYE wabadlali bebhola likanobhutshuzwayo osewawaphanyeka emgibeni amakhokho, uSiyanda Zwane, ugonyuluke ngobunzima bokukhula ngaphandle kukayise. UZwane oke waba semabhukwini eMamelodi Sundowns, uthe ayikho into eyamhlukumeza njengokukhula ngaphandle kukayise.

Ubekade engomunye wezikhulumi ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iligi yamaqembu ezinkampani zaseCator Ridge, ebizwa ngokuthi yiCatoMlaas Soccer Football Industrial exhaswe yinkampani ezimele iG Force Employement Solutions.

Ukwethulwa kwale midlalo kwenzeke kwenye yezindawo zomtakabani ezikhona eCato Ridge, kuleli sonto. ''Kwangihlukumeza kakhulu ukukhula ngaphandle kukababa. Leyo yinto eyisilonda kimina esingapholi,'' usho kanje.

Uthe noma esengumdlali webhola elikhokhelwayo, ubenenkinga yokuthi akazi ukuthi iziyalo zomuntu ongubaba angazithola kubani futhi kanjani. Uthe yilapho aze ahlangana khona noManqoba Mngqithi, athi uyena owakwazi ukuthi avale isikhala sokuthi akanaye ubaba.

''Ngiyohlale njalo ngimbonga empilweni yami ubaba uMngqithi ngenxa yeqhaza alibamba empilweni yami. Kimina angifuni ukuqamba amanga, ukwazile ukuba ngubaba kimina,'' usho kanje.

Uthe ukhuluma ngeqhaza likababa empilweni yomuntu wesilisa nje ngoba ukholwa ukuthi nabadlali bebhola bayabadinga obaba empilweni yabo.

Udalule nokuthi nonina wadlula emhlabeni phambi kwakhe eneminyaka engu-12 nje kuphela. ''Eqinisweni nje ngikhule kanzima kodwa uNkulunkulu emuhle njalo, wangigcina ngaze ngaphumelela,'' usho kanje.

Uthe yingakho naye enza konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi uba ngubaba othembekile ebantwaneni bakhe. Mayelana nemidlalo ebeyethulwa, uzincomile izinkampani zonke ngokunikeza abasebenzi ingqayizivele yethuba lokuba badlale ibhola.

UZwane ongowaseMgungundlovu ngokuzalwa, uke wabonakala naseqenjini lesizwe iBafana Bafana.

Uke waba semabhukwini amaqembu aKwaZulu Natal iLamontville Golden Arrows noThongathi. Kulo mcimbi bekukhona noSandile "AK47" Ndlovu, uMqondisi wamaZulu Football Club, uPedro Dias ongowasePortugal noManqoba "TV" Mngqithi.