UMBIKO ukhomba iGoli njengendawo eyikomkhulu lokubanjwa kwenkunzi neyingozi kakhulu kuleli.
Lo mbiko obizwa ngokuthi iThe State of Urban Safety in South Africa Report 2018/2019, ukhishwe yiSouth African Cities Network (SACN) ngoLwesine.
Ngokwalo mbiko, ukubanjwa kwenkunzi, kuyinsakavukela kuleli dolobha.
Umbiko weSACN, uphinde wethula nobunye ubugebengu obenzeka kuzo zonke izifundazwe zakuleli.
“Lokhu (ubugebengu) kunomthelela wokuphazamiseka kokutshalwa kwezimali kuleli nokukhula kumnotho,” kusho umbiko.
Uthi kuphinde kuphambane nezinhloso zoHulumeni baseKhaya zokuthuthukisa umphakathi.
Omasipala ababaliwe yiGoli, Cape Town, eThekwini, Ekurhuleni, Tshwane, Nelson Mandela Bay, Mangaung, Buffalo City noMsunduzi eMgungundlovu.
Ngokusho kukaBrigadier Vishnu Naidoo okhulumela amaphoyisa, sekutholakele ukuthi izindawo ezicinene yizona ezinobelelesi obuphezulu.
Uthe okunye okuba yinselelelo wukuthi amaphoyisa awatshelwa uma kuzokwakhiwa izinxanxathela zezitolo ezindaweni. Bathi lokhu kwenza ukuthi umphakathi uzithole usuyizisulu zokubanjwa inkunzi.
Uthe amaphoyisa anomkhankaso wawo iSafer City Model asebenzela phezu kwawo ukulwa nobugebengu.
Uthe yingakho babuye baba nombuthano walolu hlelo ePitoli ngenyanga edlule othathe izinsuku ezimbili.
I-SACN iphinde yabala neCape Town njengomasipala onalo lonke uhlobo lobugebengu, okubalwe phakathi kwabo nokubulala.
IGoli lona kubikwa ukuthi liziqengqelezela phambili ngokubanjwa kwenkunzi.
Lobu belelesi kubikwa ukuthi benzeka emakhaya, ezimotweni, nasezindaweni zomphakathi. Leli dolobha kuphindwe kuthiwe ukudunwa kwezimoto kulona, nakho kuphezulu kakhulu.
Uma kuqhathaniswa nezinye izindawo, abantu baseTshwane, bathi bazizwa bephephile.